NGIFISA ukudlulisa umyalezo kubantu besifazane abasaziqhayisa ngokuthi bona bamnandi nabasaqhosha ngokuthi bawojikelele emadodeni. Bantu besifazane, kusukela namhlanje ngicela nazi ukuthi indoda ihlala lapho ithanda khona nalapho kuvuma khona inhliziyo yayo. Ngisho ungaba mnandi uvuthe amalangabi kangakanani kodwa indoda iyakwazi ukukushiya khona kunjalo, okukhomba ngokusobala ukuthi ukuba mnandi komuntu wesifazane akuyona kuphela into edingwa yindoda kodwa ziningi izinto ezibhekwayo nezidingwa ngowesilisa kowesifazane ngale kobumnamdi benkomo.
Okunye engifisa nikwazi, wukuthi ayikho indoda ethathwayo kodwa izihambela yona ngokuqhutshwa yinto esuke iyiqhuba ngaleso sikhathi. Ngaleyo ndlela ngicela uma indoda yakho kwenzekile yakushiya, uyeke ukusibalisela ngokuthi ithathiwe, okanye uphuciwe kodwa ukuqonde ukuthi izihambele yona ngokuthanda kwayo. Noma ngabe wumnandi kangakanani indoda iyakwazi ukuhamba iye komunye okuphethe konke mhlawumbe futhi uthole ukuthi akamnandi nangaleyo ndlela kodwa iyafuna ukunamathela kuyena, agcine esemzuza kanjalo. Ukube kuya ngobumnandi endodeni mhlawumbe ngabe iningi lethu lisemshadweni ngikhuluma nje. Okunye-ke futhi dadewethu, asiyekeni ukuzifakela ingcindezi engenasidingo ngenxa yokukhathazeka ngendaba yendoda, ugcine ususebenzisa izinto ezizolimaza inkomo ngoba nakhu uthi ufuna ukuba mnandi endodeni. Usuyoshutheka yonke into okuthiwa yenza ube mnandi. Uma wawumnandi kuThemba ngokusho kwakhe, ungalindeli ukuthi nakuMandla wuzoba mnandi. Siyayazi angithi impilo nezinto nje ezenzeka emhlabeni ezingamaqiniso kodwa thina esizibalekelayo. Ngeke mnta kamama ube mnandi kuwona wonke amadoda. Ukwamukela lokho kuyokusiza kakhulu empilweni yakho.
Uyobona nje dadewethu indoda ekuyokuthanda kube ngeyakho, iyofika ihlale ngeke ulokhu ubalisa ngokuthi ithathiwe noma wuphuciwe ngoba naloyo eyobe isuka kuye kuyobe kuchaza ukuthi bekungakabi ngeyakhe. Wena uyobe ungenacala kulokho ngoba siyazi sonke ukuthi inhliziyo idla ekuthandayo ngesikhathi esithandayo. Ngicela siyekeni ukuchomelana sodwa singabantu besifazane, size sigcine sesihlomekisana sinikana nezinto zokunonga inkomo. Kumnandi impela ukuba nenkomo enomsoco kodwa phela nasendlini akubukeke, uma ugqokile akucace futhi uyeke ukunuka isimuncwana emzimbeni. Yazi phela nokuyisa ibhodwe eziko uphinde ukwazi nokunakekela indoda ukuze iziqhenye ngokukhetha wena. Ungabi nje ngowesifazane ocijisa izinzipho, ajamele isibuko lize liyoshona ngoba eqhoshe ngokuthi umnandi. Phinda phela ukwazi nokuseka indoda uma isobishini noma idinga usizo.
Kumele yazi ukuthi ukhona lo muntu wesifazane engizothi uma ngimemeza asheshe asabele. Ukweseka umuntu kuyizindlela eziningi. Ungameseka ngokumkhuthaza ezifisweni zakhe, ngokumkhuthaza uma umbona elahlekelwa yithemba ezintweni ezithile nokunye okuningi. Ukuba mnandi akube yibhonasi endodeni, ungabi mnandi kodwa ingqondo ikhombise ukujama nje.
Kwesinye isikhathi sike sithuswe wukuthi indoda isuke endaweni yomnta kabani yayo hlala emkhukhwini nomunye umuntu wesifazane. Ngifuna sazi lokhu bantakwethu, uma indoda ijabulile ayibe isabheka nendawo ukuthi yikuphi. Leyo ndoda akuyi ngoba isuke ithathiwe kodwa isuke isithole lokhu ekufunayo. Uyazi ukuthi kukhona abantu abaqala ukuthandana ucansi leabo lubheda, luphika lungavumi, kuyinduvunduvu nje kodwa ngenxa yokuthi abahlanganisiwe yilona kuphela bayaqhubeka bancenge nalo ucansi lugcina selumnandi.
Uma singazifundisa ukuthi ukuba mnandi kwenkomo akuyona yonke into esemqoka endodeni, kungasiza ekutheni sisheshe sikwazi ukwamukela isimo uma kwenzekile saliwa noma amadoda ethu akhetha ukuhamba asishiye, singalokhu sisala nemibuzo ethi "kanjani ngimnandi kanje?"Ungaze uzithole usuwenza izaba ezizolimaza umzimba wakho kusasa. Ungaba mnandi kodwa indoda ihlala lapho ethanda khona.