Umbuzo
Ngiyintombazane esikhulile, ekhaya bakholelwa kakhulu esiZulwini futhi ubaba ukholwa ukuthi uma intombazane isikhulile yaqeda isikole, kumele iyogana hhayi iyosebenza. Mina ngifuna ukuyosebenza angiyizwa kahle indaba yokuthi kumele ngihlale ekhaya ngilinde umuntu ozofika afune ukungilobola. Ngibuhlungu emoyeni ngoba ngiqedile esikoleni, ontanga yami bazama amatoho abanye bayaqhubeka nokufunda kodwa mina ngibhuquza layikhaya ngilinde umendo. Sengizamile ukukhuluma nomama ngamtshela ukuthi mina ngifuna ukuhamba ngiyozama amatoho kodwa umama akanawo amandla okwenza izinqumo layikhaya. Umuntu oshaya umthetho ubaba. Sengicabanga nokujomba ngibaleke ngoba ubaba akezwa mshini uthi yena ufuna izinkomo ngami futhi ukholwa ukuthi uma ngihamba ngiyofuna amatoho edolobheni, ngizofike ngidlale abafana agcine engatholanga lutho ngami. Ngicela ungibonise ngenzenjani ngoba ngididekile futhi ngidiniwe.
Impendulo
Ibuhlungu lento obhekene nayo, eqinisweni nje ekhaya kini badlala ngawe ngoba kwalo mkhwenyana omlindile awazi noma uzofika okanye ngeke umthole. Bayothini uma kungukuthi awudalelwe ukushada? Kusho ukuthi uyohlala ekhaya ungasebenzi ungashadi uze uguge? Ubaba wakho kumele akuqonde ukuthi ngisho ungahlala ekhaya kusangenzeka udlale abafana agcine engatholanga lutho ngoba nasemakhaya abafana bakhona. Uma uzowuthola umendo ngisho ungaya edolobheni uzomthola umuntu ozokuthanda angadlali ngawe kodwa ahambe ayovela kini. Awuzame ukuncenga umama wakho ucele nezihlobo ezisondelene nakini zikhulume nobaba wakho ngoba ekugcineni kosuku namadoda awasamfuni ke nomuntu wesifazane ozoba umthwalo, yena angakwazi nokuthenga isinkwa. Uma umama wakho ehluleka, awuzame namanye amadoda asemndenini akhulume nobaba wakho ambonise ukuthi izikhathi zishintshe kakhulu. Amantombazane yiwona avusa imizi emakubo. Ngikufisela inhlanhla dadewethu ngoba angikholwa wukuthi naye uyafisa ukuthi uvele uhambe ekhaya ungaziwa ukuthi wayaphi.