Ngokujwayelekile sazi ukuthi owesifazane noma angalomela kanjani ucansi kodwa akumele azicelele kodwa kumele ahlale alinde owesilisa kube uyena ocela ukuthi bacambalale ngoba besazi ukuthi kuyihlazo uma kuzoba owesifazane ozifunelayo.
Sekushintshile lokho njengoba nongoti bezocansi begqugquzela abesifazane ukuthi bangaziphothi, bazifunele nabo ucansi uma beluqalekele.
Bathi akulona ihlazo ukuthi owesifazane naye azicelele ucansi uma enqanqathekile. Kuyenzeka owesifazane alambe kuqala uthole ukuthi indoda ayilambile, kwenzeka futhi owesifazane afikelwe umuzwa wokufuna ucansi nokungadala ukuthi abe nolaka okanye nenhliziyo encane uma ezolokhu elukhanukela kodwa engalutholi.
Akulona ihlazo ukuthi owesifazane abike usizi lwakhe. Sezadlula lezo zikhathi lapho khona kwakunezinto ezivinjelwe ukuthi owesifazane azikhulume, isikhathi sanamhlanje asisafani nakuqala, izinto sezishintshile ngoba namalungelo aseyafana kubantu besilisa nabesifazane.
Sikhuluma nje sekukaningi abesifazane bebalisa ngokuncishwa ucansi, abanye baze basho nokuthi baziphilisa ngokuthi bazenze bona ukuze bagcine benelile.
Kuyenzeka kwesinye isikhathi uthole ukuthi owesifazane uthandana nowesilisa onekhanda eliqinile nomthetho ongaphikiswa, ongakholelwa ukuthi ucansi kumele kube yinto yokujabula njengabantu abathandanayo. Ongakholelwa ekutheni umfazi kumele kube uyena ozozicelela ucansi kodwa okholelwa wukuthi yonke into yaseLawini izokwenziwa ngemigomo nangendlela yakhe futhi uyena ozolawula ukuthi kwenziwa nini kanjani.
Ongoti bathi lokho kuba nomthelela ongemuhle othandweni okungagcina ngokuthi owesifazane agcine esezitholela umfanyana wakhe eceleni ozomshova noma yinini uma efuna futhi ongeke amehlulele.
Kuyenzeka kwesinye isikhathi uthole ukuthi owesilisa yile nhlobo eyazi ukuthi ucansi lwenziwa ebusuku kuphela futhi lwenzelwa embhedeni kuphela kanti owesifazane ulufuna ngisho emini ngisho ekhishini.
Ongoti bathi kubalulekil ukuthi owesifazane abe nezwi ekwenziweni kocansi yikhona naye ezoqhamuka nemibono emisha nezinto ezintsha abangazenza ukuze bobabili bazithole bejabulile, bathi futhi owesifazane uma kukhona isitayela angasizwa kahle kumele akhulume acele lesi esizomenza asheshe aliwele iJolidani.
Awuphele nya lo mkhuba wokuthi owesifazane acindezelwe uma kuza ngasocansini sonke sikhululekile ngakho-ke uma sithandana sonke sinamandla namalungelo alinganayo.
Elawini LikaMaGumede sigqugquzela ukujabulisana ngokulinganayo ngaphandle kokuthi kubekhona ozokwehlulela omunye.
Ungasibhalela ku-email: bangenidistance25@gmail.com
Watsap: 0799771723