KUYIQINISO elingephikwe ukuthi ucansi emadodeni lungezinye zezinto okuthi uma lubheda - okungabe kwenziwa ukukhophoza kwenduku nangezinye izizathu - indoda izizwe ingelutho. Yingakho kungethusi ukubona amadoda amaningi ephuza kwasani inqobo nje uma kuke kwathiwa leyo yinto ivusa induku.
Yingakho kuleli sonto ngifisa sike siyixoxe le ndaba yokuthi uma uzohlangana nesithandwa sakho ngokocansi, usuyophuza zonke izimbiza lezi okuthiwa zivusa inkunzi.
Ezinye kuthiwa zikwenza ungasheshe ufinyelele kuvuthondaba, kuthiwe ezinye zenza ukuthi induku iqine ngokwedlulele kuze kube khona nowoyela okuthiwa bakwazi ukwenza induku ibe yinde (okuyinto engicabanga ukuthi ingamanga aluhlaza). Yebo, abanye bayafakaza ngezimbiza ezithile, bathi impela zibenza baphenduke izilwane ocansini, kuse emnyango.
Umbuzo wami munye ke kinina madoda ezimbiza, uthi nike nicabange nje ukuthi uma usudonse amahora ngamahora ungachami nenduku ilokhu ithe mpo, loyo osuke uzithokozisa naye usuke esathokozile?
Niyazi yini ukuthi inkomo yomuntu wesifazane idalwe ngendlela yokuthi, iba manzi isikhathi esithile isancibilikiswa yinjabulo yocansi. Uma ike yaphela leyo njabulo, inkomo ivele yome ithi nkwe. Uma isiyomile ke wena induku yakho isame mpo, futhi usafuna ukuqhubeka nocansi, kumele kwenzekeni?
Ngiyazi ukuthi anikaze nazibuza le mibuzo engiyibuzayo ngoba okusuke kusemakhanda enu wukuthi ufuna ukuzizwa uyinkunzi, into engasheshi ichame futhi enenduku ekwazi ukuma mpo kuse emnyango!
Uyazi yini ukuthi uma uqhubeka nokubelesela inkomo yowesifazane ngocansi isidlulile esigabeni sokuba manzi, usuyamlimaza? Enye into egcina yenzeka ngalezi zimbiza zenu, wukuthi abanye benu bagcina sebeziphuza ngokweqile ngendlela yokuthi abasakwazi ukuzijabulisa ngocansi umuntu engaqhabulanga. Kuyingozi lokhu ngoba kusho ukuthi uma isithandwa sakho uma sikuzumile, wasibona sesithi gqi sikuvakashele, ngeke ukwazi ukusithokozisa ngocansi.
Abanye njalo kuthiwa umuntu akaphuze into elingana nezivalo kodwa yena aphuze inkomishi yonke ngoba efuna ukuba yinkunzi edlulele. Ngikhumbula nje esinye isihlobo sami esangixoxela ukuthi sake saphuza imbiza eyasenza ukuthi induku ime impelasonto yonke ingasavumi ukuwa. Naloyo eyayizijabulisa naye esekhathele wukubeleselwa yinduku engawi futhi engafinyeleli kuvuthondaba. Into engizama ukuyicacisa wukuthi ziyingozi kabi izimbiza zenu kodwa nani nibuye nenze izinto zibe nzima kakhulu ngokufuna ukuphuza ngokweqile nasezikalini eninikwa zona.
Mhlawumbe into engasiza kulezi zinkinga wukuthi uma uphuza imbiza leyo, naye umuntu wakho umqhabulise hleze naye abe njengawe, angazi nami ukuthi kuyenzeka yini lokho. Kodwa into engifuna ukuyiqhakambisa la, wukuthi uma niphuza izimbiza lezi enithi zinenza izinkunzi, nicabange ukuthi umuntu enisuke niyozitika naye yena akaphuze lutho. Nikucabange nokuthi ningagcina nibalimaza abesifazane. Omunye uthole ukuthi uze aphathwe nayisinye esenziwa wukuthuswa wukubeleselwa yinduku isikhathi eside, ngoba nalokho kuyenzeka.
Ngicela ukuthi uma kwenzekile naphuza lezi zimbiza, niyicabange yonke le mibuzo enginibuza yona, mhlawumbe umtshele umuntu wakho ukuthi kukhona okuqhabulile, hleze nibe nendlela yokuthi uzomelana kanjani nobuhhashi bakho usugabavula into engapheli phezu kwakhe.