Umbuzo
Ngingoweilisa ngishadelwe, bengithokozile emshadweni wami kodwa kamumva nje ngisola sengathi umkami uyajola. Ngibambe izithombe azifake kuFacebook ecamele endodeni. Uma ngimbuza wathi ubhuti asebenza naye, uma ngithi ngicela anginike inombolo yakhe ngimfonele wanqaba. Sixabanile kwaphela amasonto amabili singakhulumisani endlini saze sabiza umhlangano womndeni, kwasengathi isimo siyadamba. Inkinga kuze kube manje akafuni ngisho ngimthinte, uthi akakakulungeli ukwenza nami ucansi emva kwale ngxabano esibe nayo. Ngiyamthanda kodwa lento ingiqeda amandla, enjalo nje akafuni ngisho ngithinte iselula yakhe kodwa yena eyami uyithinta aze aphume ngale. Ngicela ungibonise ngenzenjani?.
Impendulo
Okokuqala nje uma nithandana futhi senishadile kunemigomo okumele nizibekele yona futhi nivumelane ngayo. Uma nikhetha ukuba nezinkundla zokuxhumana, akube yinto eniyixoxile leyo ngoba akekho ongazi ukuthi izinkundla zokuxhumana ziyayibhidliza imizi yabantu. Umkakho akanalo iqiniso uma ezothinta iselula yakho kodwa wena eyakhe angavumi uyithinte, yizona zonke izinto okwakumele nizixoxe lezo nivumelane ngazo futhi ke uma senishadile isidingo sezimfihlo asikho nhlobo. Kumele okungenani nibonane nongoti oweluleka abashadile ukuze nidlule kulento singaze sibhebhetheke lesi simo. Kungenjalo,uma nisonta nike nizame ukukhulumanomuntu enimethembayo enkonzweni ngale nkinga. Kodwa ngokwami le akuyona inkinga enkulu, kumele nje nikhethe izikhathi ezikahle zokuxoxa nobabili nehlise umoya ukuze idlule lento. Kodwa unkosikazi wakho kumele abe neqiniso kweyeselula.