Umbuzo
Sawubona sisi MaQwabe, ngiyibhungu eselikhulile ngihlala ekhaya nabazali ngenxa yokuthi amatoho angiwatholi.Kunosisi engimthandayo futhi ngimthanda ngale ndlela yokuthi ngifisa ukwakha naye umuzi kodwa manje amandla anginawo. Ubaba ufuyile kodwa ngiyesaba ukumcela ukuthi angilobolele ngoba uyindoda engangeneki kalula, unolaka futhi enjalo. Ngibona sengathi ukumcela kwami kuzomenza athukuthele, yena loyo nkosikazi ngiyomondla ngani njengoba nami ngisondliwa nje, kona angikakhuli kakhulu kodwa ontanga yami bonke sebethathile. Ngicela ungibonise sisi MaGumede ngenzenjani ngoba lo sisi ngiyamthanda kanti futhi nginovalo lokuthi bazoze bamthathe abanamandla.
Impendulo
Sawubona bhuti wami, ngiyazi ukuthi kunjani ukuthanda umuntu kodwa uswele amandla okumlobola. Okwamanje ngibona sengathi uzifakela ingcindezi nje ngoba ubona sengathi uyasala kontanga yakho. Okwamanje ngingathi awuke ugxile ekuzameni ukuthola itoho okungcono. Mhlawumbe usungacela ubaba wakho akugcwalisele ke nawe usunakho okuncane. Ungakhuluma futhi nomama wakho akuncengele ubaba wakho ngoba yena uyazi ukuthi uthintwa kuphi, nginesiqiniseko usisi loyo uma ekuthanda ngeqiniso uzokwazi ukukulinda uze uthole umsebenzi ngoba nakho ukujaha ukuba nonkosikazi ungasebenzi kuzokulethela omunye umzwangedwa. Uthando lweqiniso luyalinda nosisi loyo kumele alinde, kodwa nawe ungahlali nyakaza uyofuna umsebenzi ukuze uzokwazi ukuzimela njengendoda.
SISIZE SESIZAME KONKE KODWA ASIMTHOLI UMNTWANA
Umbuzo
Sawubona ntokazi yakaGumede, ngiyabonga sisi izinkulumo zakho ziyangisiza mina nonkosikazi wami ngoba ngisho iphepha alisiphuthi impela Njengamanje nkosazane sibhekene nenkinga, mina nomkami sizama ukuthola umntwana kodwa akwenzeki, sesizame konke kodwa akulungi. Ngicela ungisize ntokazi uma kukhona lapho owazi khona esingasizakala khona usiyalele ukuze sizame nakhona, nakhu sizoguga singathumi muntu. Sesikhathele ukuthumana sodwa kanti futhi kunzima nokuqagela ukuthi inkinga ikuphi kwazise phakathi kwethu akekho onengane. Ngiyamthanda unkosikazi wami angifuni ukuphuma ngiyozama ngaphandle kodwa ngifuna lempi siyilwe naye sobabili size siyinqobe. Ngiyazi futhi ngisenalo ithemba lokuthi kusazolunga. Lekelela nkosazane ikuphi esingakwenza manje ngoba lokhu esesikuzamile akusisebenzeli.
Impendulo
Sawubona bhuti wami, okokuqala kumele nikuqonde ukuthi ingane iyisipho esivela kuMdali nengikholwa ukuthi nizoyithola ingane uma sekushaye isikhathi. Ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuhlala ningenayo ingane nibe nishadile. Okwamanje ngicela nizame ukuhamba niyobona udokotela obhekelele inzalo obizwa ngokuthi iFertility Doctor, uyena ozonihlola abone ukuthi inkinga ikuphi bese eninika nemiyalelo okumele niyilandele ukuze nisizakale. Lo dokotela nizomthola ngokuthi niqale niyobona ungoti wezifo zabesifazane, iGynaecologist. Ningaqale nilahle ithemba okwamanje ngoba kunabantu abayithola ingane ngisho sebekhulile, nengithemba ukuthi nakunina kusazolunga. Ningabheki kodokotela besilungu kuphela kodwa niye nakwabesintu ukuze babone ukuthi kubambephi, kodwa niqaphele ningagcini senimosha nemali. UNkulunkulu unecebo ngani futhi ngiyethemba ukuthi nizogcina nilutholile usizo, ukuthi nje akukaqondani.
NGIFUNA ILOBOLO LAMI LIDLIWE WUBABA ONGIKHULISILE
Umbuzo
Sawubona sisi MaGumede, ngingowesifazane osemncane ngikhuliswe ubaba ongangizali kodwa ungithatha njengengane yakhe. Ubaba wami wangempela ukhona kodwa washada nomunye umama futhi akazange angikhulise. Manje inkinga ekhona ngiyagana ngizolotsholwa, inkinga angazi noma amalobolo ami kumele aye kubaba ongizalayo yini okanye kumele athathwe ilona owangikhulisa ngimncane? Ngike Ngazama ukuyixoxa nomama lento kodwa wavele wathi kuyobonakala, manje lento iyangidla impela ngoba mina ubaba engimaziyo ilona ongikhulisile nokuwuyena engifisa ahlomule ngami ngoba ungikhulise kahle njengengane yakhe futhi ubengenzela konke. Ngicela ungibonise sisi MaGumede esimeni esifana nalesi kwenziwa njani?
ImpenduloSawubona sisi wami, ngiyayiqonda into ekuhluphayo kodwa ngibona sengathi uzikhathaza ngento enkulu kunawe, lolu daba olwabantu abadala nengikholwa ukuthi ibona okufanele bathathe izinqumo ukuthi kuzokwenzekalani. Ngokwazi kwami ungalotsholelwa lapho okhuliswe khona kodwa singakhohlwa ukuthi yize ukhuliswe yiloyo baba ngokomthetho wena ungowakubo kamawakho, sekungaba komalume bakho ke ukuthi bayambhekelela yini lo baba okukhulisile. Imithetho yemizi yabantu ayifani yingakho ngithi abantu abadala yibona abazokwenza izinqumo ngalolu daba, mhlawumbe ke usuyobatshela ukuthi wena uzizwa kanjani uma kwenzeka becela umbono wakho. Yebo uwena impela ozolotsholwa kodwa awukwazi ukuzinqumela ukuthi akwenzekeni ngamalobolo akho ngoba uzobukeka njengengane engahloniphi.