UMA ucabanga ngokushaywa kwendlwabu, okuwukuzithokozisa ngocansi uzisiza wena uqobo, kulula ukucabanga ukuthi lo wumkhuba owenziwa abantu ezindaweni zabo okungaba isemakhaya.
Kodwa kuyethusa ukuthi abantu sebevele bazijabulise bona ngocansi nasezindaweni abasebenza kuzona.
Ocwaningweni engisanda kufunda ngalo, kuvele ukuthi senyukile isibalo sabantu abashaya indlwabu besendaweni yokusebenza okanye emsebenzini.
Phambilini ucwaningo belukhomba ukuthi bangu-37% abantu abazisiza ngokuzidlalisa bebodwa baze bachame emsebenzini, kodwa lolu cwaningo selukhomba ukuthi manje isibalo sinyuke ngo-3% njengoba sebengu- 40%.
Lokhu sekwenze nokuthi ongoti bazihluphe bafune ukucwaninga ukuthi ngempela lokhu kudalwa yini.
Ungoti wezocansi uDkt David W.Wahl ungomunye wongoti obambe iqhaza ekwenzeni lolu phenyo oluholele ekutheni kuvele izizathu ezinqala ukuthi abantu bagcine beziwotawota ngabodwana emsebenzini baze bazichamise.
Nazi izizathu ezihamba phambili azibalulile.
1.Ukwehlisa izinga lokhwantalala ngenxa yengcindezi abantu ababhekana nayo ezindaweni zokusebenza.
2.Ukunyusa umdlandla nomfutho uma besebenza ukuze bakwazi ukubhekana nezinkinga zasemsebenzini.
3.Ukunyusa izinga lokubhekana ngqo nomsebenzi abasuke bewenza ngaleso sikhathi ngaphandle kokuphazamiseka.
Uthi ukushaya indlwabu emsebenzini akuyona into ethusayo kwazise emabhukwini omlando kukhona lapho kuvela khona umqashi eyalela umsebenzi ukuthi ashaye indlwabu kaningana emsebenzini ukuze apholise ikhanda, akwazi nokubhekana nezinselelo zomsebenzi.
Lokhu kufakazeleka nasefilimini abanye abazoyikhumbla ethi The Wolf of Wall Street.
Okuvelayo wukuthi umsebenzi ngokujwayelekile uzivalela egumbini lakhe lokusebenza akhiye umnyango avale namawindi azishayele indlwabu yakhe ngokuthula.
Iningi ke lisebenzisa izindlu zangasese zakhona emsebenzini.
Abesifazane nami engike ngakhuluma nabo bayakuqinisekisa ukuthi bazijabulisa endlini yangasese.
Yize kunjalo zingane zakwethu, okucacile nengikwaziyo wukuthi uma ungabanjwa emsebenzini uzithishila ngocansi, ungazithola usenkingeni.
Nangaphandle nje kwenkinga, nawe ungazithola usuhlazeka. Cabanga nje ubizwa emahhovisi amakhulu uyochaza ngokuthi ubuziqhathulula ngocansi emsebenzini, akuzwakali kahle.
Mina ngithi kini, indawo yomsebenzi iyahlonishwa. Noma ngabe ufikelwe yimuphi umcabango wocansi.
Mina bengingathi ungalinge uyoshaya indlwabu ngisho ethoyilethi.
Cabanga nje noma kuthiwa unehhovisi lakho, uthi ukhiyile kanti akukhiyekanga.Ngeniyani omunye uzakwenu, uyakifica uyazikhuhla endaweni yokusebenza!
Ukushaya indlwabu akuyona into embi kuphela nje, akumele uyishaye noma yikuphi. Emsebenzini nje cha bandla oyenzayo, akayiyeke.
Linda ufike ekhaya lapho wazi khona ukuthi awekho amathuba okuthi ubanjwe. Nakhona njalo ningakhohlwa wukuthi indlwabu iyajovana.
Uma uyenza uphindelela, uzibeka engcupheni yokuthi ungabe usaluthokozela ucansi nesithandwa sakho.