NGISIZE MaGumede nakhu konakala. Ngathandana nenye indoda yaseNigeria eyayikhulile kunami. Yayindala ino-35 weminyaka, mina ngino- 22. Sahlukana ngonyaka odlule ngoba ngakhulelwa ngase nginquma ukuhushula isisu. Walwa nami wathi akafuni ngikwenze lokho, kodwa ngabona kuyiso isisombululo ngoba yena uzoshada maduze nje. Bengingafuni ukuzidalela izinkinga sengimlandela, ngithi akondle ingane noma ngibange izinkinga kunkosikazi wakhe. Bengibona futhi nokuthi unakho ukuzidlalela ngami ngoba ubeza kimina uma esefuna ucansi, ubengakaze athi asishaywe wumoya nje njengezithandani. Nasekhaya babengayizwa eyokujola nomuntu omdala kangaka kunami. Inkinga ekhona manje MaGumede wukuthi angisakwazi ukuthandana nontanga yami. Umfana engijole naye muva nje, ungitshele kwezikabhoqo ukuthi inkomo yami ivulekile. Kungenzeka yini ukuthi umlisa lo ungilimazile? Kumele ngenzenjani MaGumede?
Impendulo
Okokuqala nje usemncane. Ngeke ngithi wenza kahle ngokuhushula isisu kodwa unelungelo lokwenza noma yini ngomzimba wakho. Ngicela ukukusola kodwa ngokuthandana nendoda endala kangaka kunawe. Washaya isikhala ntombi. Ngisho ngoba kungenzeka ngempela ukuthi yayifuna ucansi nje kuphela kuwena. Jabula ukuthi lobu budlelwane bugcine buphelile, bebungeke buye ndawo. Okwenkomo esinkulu, kanginaso isiqiniseko salokho, kodwa ake uzama ukuhlala ngentombi isikhathi eside, ubuye uqhubeke uma kwenzeka. Kodwa kule minyaka okuyo, ngiyacela dadewethu ukuthi ugxile kakhulu ezifundweni zakho, noma ezintweni ezizokwenza ube wumuntu ongcono kusasa. Amadoda awabaleki futhi ukusheshe uziqulekise ngawo, ngiyazibuza nje ukuthi konje uyofa nini.