KUKANINGI ngizwa kugxekwa abesifazane ngephunga lenkomo. Abantu bekhala ngokuthi inkomo inuka kakhulu uma ingageziwe futhi basho nokuthi iphunga layo lingefaniswe nalutho. Bathi liyahila futhi liyacinanisa ikakhulu uma umnikazi wayo engayigezisisi noma engayinakekeli.
Yebo, angiphiki iyanuka impela kodwa namhlanje ngifisa abantu bazi ukuthi akuyona yodwa inkomo enukayo uma ingageziwe. Amasende ayanuka uma engageziwe futhi anuka okuxakayo.
Abesilisa abayeke ukuzenza ngcono sengathi bona ngaphansi kwezikhindi zabo zangaphansi baqukethe igolide elinamakha abizayo. Cha, madoda akunjalo. Nani ubuntu benu budinga ukunakekelwa.
Ongoti bezempilo bathi iphunga lesitho somuntu wesilisa ongagezile lixaka ukwedlula elowesifazane. Bathi kubalulekile ukuthi owesilisa azishefe iziboya emasendeni, asike ijwabu endukwini avikele ukungcola okumhloshana sengathi ufulawa okubizwa ngenkununu. Kumele agezisise amasende nangaphansi kwawo. Kumele namasende agezwe ngezinto zakhona ezizokwenza ukuthi anuke kamnandi kungabi nzima nokumkhotha owesilisa uma kuyiwa ucansi.
Abesilisa bayelulekwa ukuthi bazijwayeze ukudla izinto ezikhala kahle ukuze isidoda sabo singeke sinuke kabi futhi singeke sibabe. Phela kunezitayela zocansi ezibenza bathundele emlonyeni wowesifazane.
Kabayeke ukucabanga ukuthi iphunga elibi lingaqhamuka enkomeni kuphela. Nabo bayayichama into enukayo, umehluko ukuthi imbobo yabo incane futhi abanazo izigameko eziningi zoketshezi oluphumayo. Phela thina sibuye siphume igazi kungonakele lutho. Uma ungakaze ulizwe iphunga lamasende, usenhlanhleni. Le nto inukisa okwenja ekade yafa futhi uma esenuka kuvele kube sengathi aneminyaka agcina ukugezwa.
Ngisho ungathatha isikhindi esincane sangaphansi somuntu wesilisa, iququ uzolizwa kahle bese ngiyaxakeka ukuthi ngoba bathi amasende awanuki nje, kusuke sekunukani.
Noma ngabe ungowesilisa, geza uzinake uzithande unuke kahle unganukisi okwembongolo. Zikhona nezinto ezinuka amakha zokugeza amadoda ngaphansi. Ungasho ukuthi wena uyinsizwa ngeke ugeze njalo ngoba uzophela isithunzi. Phela amasende ayanuka uma engageziwe!