NJENGOBA kuyinyanga enkulu yabantu besifazane, imbokodo, ngifisa siyigubhe ngoba ngeyabantu abamqoka. Ngifisa sibonge kubantu besifazane abanamagalelo amahle emphakathini yethu nabayisibonelo esihle entsheni esakhula, esafuna ukuya phambili, engithemba ukuthi ifunda lukhulu embokodweni engaphambili. Ngifisa sibungaze abantu besifazane abathembekile emishadweni yabo nasothandweni lwabo. Ngisho abesifazane abaqinisekisayo ukuthi amakhaya amile futhi afudumele noma kunzima.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kunemizi ebanjwe ngabesifazane nabo abantulayo kodwa siyazi sonke ukuthi noma ngabe isimo sinjani ekhaya uma kukhona umama, noma owesifazane oqotho, izingane azikaze zalala zingadlile. Kunabantu besifazane abahleli emendweni abayibambile yize insimbi ishisa kodwa abapheli mandla. Ngifisa sibungaze abantu besifazane abasenesimilo, abaziyo ukuthi umuntu wesifazane uziphatha kanjani, abangahambi bezinekela wonke amadoda. Yize thina bantu besifazane sesidume kabi ngokucwila ezinkambeni zikaFaro nokuxegelwa yisimilo, kodwa basekhona abesifazane abaneqiniso nesizotha.
Yinyanga yethu mbokodo, okufanele sibumbane sizijwayeze ukubambisana nokutakulana uma omunye ebishile. Sizifundise nokungahlulelani kodwa sinikane uthando, siyeke ukulwela amadoda nokuzondana size sifakane izichitho ngenxa yamadoda.
Baningi abantu besifazane esingafunda kubona okuhle. Abanye badala kunathi, abanye bancane. Ziningi izinto esingazenza ndawonye ezizosiyisa phambili singabantu besifazane, ngaphandle kokubukelana phansi, ukweyana nokuhlebana. Kule nyanga ngifisa sithokoze ngabantu besifazane abakwazi ukuzimela ngaphandle kokuthembela emadodeni, abantu besifazane abangewona amaqola nabangahambi bethungatha amadoda izwe lonke, ikakhulukazi kulaba esisakhula nabo ngoba siyazi ukuthi sidume kabi. Kukhalwa ngathi yonke indawo ngisho ezindaweni zokucima ukoma kugcwele thina, siphuziswa ngamadoda utshwala maqede sehlise iphenti.
Njengoba kuyinyanga yethu angifune kujaja muntu kodwa ngifisa wonke umuntu wesifazane azinuke amakhwapha, azibuze ukuthi ingabe wenza kahle yini, azibuze ukuthi ngabe isithunzi sakhe engumuntu wesifazane usasigcinile yini.
Ngifisa sibe nothando komunye nomunye. Singaze sithi uthando sizolunika amadoda kuphela. Ngifisa sihlakaniphe, kuthi noma kukhulunywa ngabantu besifazane abenza kahle nabaqotho nawe uzishaye isifuba ngokuba ngowesifazane oyimbokodo yangempela. Sikhumbule ukuthi isizwe sidinga abantu besifazane, ukuze sande siye phambili ngoba yithina inzala bantu, ngakho-ke angifisi sandise isizukulwane esingaqeqeshekile kahle, esidakwa wutshwala maqede sivuke emzini yabantu ngokungenhloso. Le nyanga ibalulekile kithina besifazane, okufanele siyijabulelana ngothando. Ngaphambi kokuthi silindele ukuthandwa ngamadoda, kumele siqale sithandane thina sodwa. Wathinta abafazi wathinta imbokodo!
Elawini LikamaGumede ungasibhalela kwi email: [email protected]
Whatsapp:0799771723