Umbuzo
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka ewu-40 ubudala. Angisebenzi kodwa selokhu kwathi nhlo ngiziphilisa ngemali yamadoda. Ngiyaba nje namadoda amane ngesikhathi esisodwa. Ngiyazi likhona igama elichaza owesifazane owenza njengami futhi alilihle. Inkinga-ke manje wukuthi angisayithandi le mpilo futhi akusavumi ngibe nendoda eyodwa. Kuvele kungaphileki ngoba ngijwayele ukuhlanganisa imali engisuke ngiyinikiwe bese kuphuma imali yokuphila. Ngiyafuna ukuzisebenzela kodwa umsebenzi yiwona engingawutholi. Ngisize dadewethu, angisayifuni le mpilo.
Impendulo
Ewu dadewethu! Yaze yanzima impilo oyiphilayo. Angikuphoxi kodwa okwenzayo impela kunegama elingelihle. Okudumaza kakhulu wukuthi usukhulile impela, awushongo nokho ukuthi unazo yini izingane. Koba ngcono uma ungenazo ngoba uma zikhona, lokho kungasho ukuthi awusona isibonelo esihle kuzona. Okokuqala ake uzame ukuqinisa ekufuneni umsebenzi nasezindlini nje uzehlise uwufune khona, ukuze uziholele imali yakho. Thenga nezinto zokudayisa, okungaba ngisho ngamashibusi, noma wenze amagwinya ukuze ujwayele izindlela zokuzakhela imali. Abantu abagcina benezitolo ezincane ezibizwa ngamaSpaza Shops, basuke beqale kancane kancane baze bachume bakwazi ukuziphilisa. Iyeke ngempela le yokuziphilisa ngokucela emadodeni. Ubungozi bayo wukuthi ugcina uhleli nasothandweni noma uhlukumezeka khona ngoba uthi ngeke ushiye kwazise yilapho othola khona ukuphila.