UMUNTU, nomuntu unelungelo lokuya ocansini ngesikhathi asithandayo, ngaphandle kwempoqo. Ngicikwa yindaba yamadoda afuna inkomo ngenkani. Mangithi akusiwo amadoda lawo ngoba indoda yangempela enomqondo, ngeke iyenze leyo nto. Tshelani mina, webantu abafuna inkomo ngenkani, uyithokozela kanjani inkonzo yaselawini uma umnikazi wenkomo engafuni? Abanye baze baxabane impela, bebanga ukuthi owesifazane akafuni nenkomo yakhe! Amanye amadoda ayabashaya abesifazane, bavuke bevuvukele emehlweni! Niyazi ukuthi ukuphoqa umuntu ukuthi alale nawe ngenkani kuyicala?
Akukhathaleki ukuthi niyathandana noma nishadile. Uma nje engazange avume, lokho angakubiza ngokuthi umdlwengulile!
Ngikuthatha njengobushimane nje, ukushaya umuntu wesifazane uma ekuncisha ucansi. Ngiyacabanga ukuthi usuke enezizathu zakhe ezidala ukuthi akuncishe yingakho kubalulekile ukuthi uthole ukuthi ngabe yini imbangela edale ukuthi uncishwe. Akwamukelekile ukubeka isandla futhi kungenza izinto zibe nzima kunakuqala, kudale isigcwagcwa ngisho ubuzophiwa ugcine ungasanikwa nhlobo! Akusibo abesifazane kuphela abafunwa ucansi ngenkani kodwa bakhona nabesilisa abaphoqwa ngenkani nokuyinto engalungile.
Angisho ukuthi ngivuna abantu besifazane abancisha amadoda inkomo, eqinisweni nje uma nithandana ucansi liwumgogodla wothando. Akekho umuntu okumele ancengwe uma kumele kuyiwe ocansini akekho futhi okumele ancikisele!
Siyazi ukuthi ucansi lumnandi yingakho kubalulekile ukuthi uma nizithokozisa, niqinisekise ukuthi nobabili niyaluthokozela angabi khona ozorobheka. Lokho kuyayibanga inhliziyo encane ngendlela yokuthi awube usahalela ukuya ocansini. Kuba sengathi uyancishana kanti cha, awuncishani udinwa ukuthi ngeke uze wenele umuntu wakhona uzokulola akushiye kanjalo uhashukile. Ngihlala ngisho ukuthi noma ngabe iyiphi inkinga enibhekene nayo, zamani ukuthi niyilungise, ningavumi igqilaze ukuthandana kwenu. Nikhumbule futhi ukuthi ucansi alumnandi uma omunye ebanjwe wumzwangedwa nokhwantalala yingakho kufanele nixoxe nanoma yingani nibhoboke, bese niyalungisa. Ningenzi into ezodala izinkinga ziye phambili.
Uma uyindoda awumshayi umuntu wesifazane ngoba ekuncishe inkomo ngoba uma ethanda angakuvulela icala athi umdlwengulile, bese uyaboshwa bese niyazondana kanti inhloso bekungesiyona leyo. Uma umuntu umthanda awumhlukumezi, awumshayi nihlala phansi nixoxe, niphume nesixazululo.
Nawe sisi noma ngabe udinwe yini ungayijezisi indoda ngokuyincisha inkomo ngoba indlala ibanga ulaka. Lokho kungadala nokuthi iphume iyoyifuna ngaphandle. Angikholwa ukuthi iyona nto oyifunayo leyo? Lungisani izinkinga ngaphandle kokuthi kuze kube khona oncishwa inkomo noshawayo ngoba efunwa inkomo ngenkani. Akuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane.