IMOTO: SUZUKI SWIFT
IKHOMBISA ukuthi yamukelwe ngezandla ezifudumele iSuzuki Swift entsha njengoba ingenye yezimoto zale nkampani ezidayise kakhulu ngo-Okthoba.
KwaSuzuki Auto South Africa basanda kuqala ukudayisa iSwift entsha okuyinhlobo yesine ekhona.
Izinto zihamba kahle kule nkampani ngoba ngenyanga edlule badayise izimoto ezingu-6 006, ngokwezibalo ze-naamsa, nokuyirekhodi elisha elidlula ezingu-5 000 abazidayisa ngoJanuwari nonyaka.
AmaSwift adayisiwe abe ngu-1 179 kanti u-985 wawo ngentsha.
ENingizimu Afrika iqale ukudayisa ngo-2008 nokuthe ngo-2018 kwalandela eyesithathu.
Kule minyaka engu-16 eyedlule, le nkampani ithe isidayise amaSwift angaphezulu kuka-86 000 futhi u-66 437 wawo kube yileyo elanywa ngentsha.
Entsha yakhelwe phezu kwesisekelo sendala njengoba nentengo yenyuke ngoR6 000 uma uqhathanisa nendala uma ubheka leyo eyisingeniso.
Ngaphandle abafunanga ukuyishintsha kakhulu indlela ebukeka ngayo kunalokho ungathi bayipholishile ukuze ibe ngcono.
Izibambo zokuvula izicabha “ezazicashile” ekuqaleni njengoba zaziphezulu ngasesibukweni sezibuyiselwe endaweni ejwayelekile kwezinye izimoto.
Ngaphakathi i-dashboard bayishintshile kanjalo namabhathini abathi bawabhekise ngakumshayeli. Ngithanda ne-touchscreen infotainment system enkulu eyenza ibukeka kahle.
Ungayibuka ngathi incane kanti isikhala sikhona sokuhlala nesokubeka impahla. Ishaya ngebhuthi engu-265 litres okuthi uma ulalise izihlalo ibe ngu-580 litres.
Inenjini entsha engu-1.2 litre three-cylinder kaphethroli enamandla angu-60kW ne-torque engu-112m. Phambilini kwakufakwe eyi-four cylinder. Bathi idla kangcono kuphethroli njengoba iphuza amalitha angu-4.4 ngo-100km. U-gearbox ukhetha phakathi koyi-5 speed manual noma ozishintshayo oyiCVT.
Injini inakho ukuzwakala ubuncane bayo nokudinga ukuthi wehlise amagiya. Kuyasiza kodwa ukuthi ukuthi inesisindo esiphansi njengoba ingu-945kg.
Okunye okuthandeka ngayo wukuba nezinto zokuphepha okubalwa kuzo ama-airbag ayisithupha, amabhreki e-ABS ane-EBD, Brake Assist, Electronic Stability Programme, indawo yokufaka isihlalo sezingane futhi iyakukhumbuza ngokufasa ibhande.
ISwift entsha ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiGL, GL+ neGLX.
I-GL inamasondo anamakhava angu-14 inch, amawindi kagesi ngaphambili nangemuva, izibuko ezihlelwa ngogesi, isihlalo somshayeli okwazi ukusiphakamisa, nama-sensor asiza uma upaka.
I-GL+ inamarimu angu-15 inch, uyithola ngo-gearbox oshintshwayo okanye ozishintshayo, 7-inch touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi iveza ingemuva uma upaka nokunye.
I-GLX nayo inamarimu angu-15 inch futhi nakuyo uyakhetha ukuthi ufuna eshintshwayo noma ezishintshayo, inamaLED projector headlamps, amaLED daytime running lights nama-fog lights, idunyiswa ngebhathini, cruise control, 9-inch touchscreen ne-automatic climate control.
Intengo:
Suzuki Swift 1.2 GL manual: R219,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ manual: R239,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ CVT: R259,900
Suzuki Swift 1.2 GLX manual: R264,900
Suzuki Swift 1.2 GLX CVT: R284,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.