USWELE amazwi okubonga uMnuz Ayanda Msweli ngesikhathi enikezwa imoto azohamba ngayo ukushumayela ivangeli lokuphepha emgwaqeni yiHalfway Ford ePort Shepstone.
UMsweli, odume kakhulu ngokusho isimo somgwaqo kuKhozi FM, unikezwe iFord Ranger Wildtrak.
Ngaphandle kwesimo somgwaqo, ubuye athathe izikhalo zabantu abanazo emgwaqeni azame ukubatholela usizo kanjalo nemiphakathi ehlwempu.
Trafficlanguage @Ford pic.twitter.com/d9ZlCQtzp7
— AyandaMsweli..Traffic Anchor Ukhozifm (@ayandamsweli46) August 21, 2021
Uthe yena usebenza engabheke nzuzo ngokulekelela lapho ebona kunesikhala khona.
"Namanje angikakholwa, ikhanda lami lisazula ngendlela engijabule ngayo, ngibe ngingazijabuleli mina. Ngijabulela ukuthi lento engihlale ngiyithandazela kuNkulunkulu ukuthi udumo lwami akungabi udumo oluzojabulisa mina kuphela. Akube wudumo oluzijabulisa mina futhi lujabulise nomphakathi. Ukuduma kwami akusizakale umphakathi."
Uthe iHalfway Ford yenze umsebenzi omkhulu ngokumxhasa futhi naye uzimisele ngokusebenzela umphakathi ingcabha isele nohulumeni okuzomele wenze umsebenzi wawo uma esehambisa izikhalo zomphakathi.
"Mina ngiyiso nendlebe kahulumeni bese ngiba yizwi labantu abangenazwi."
Trafficlanguage
— AyandaMsweli..Traffic Anchor Ukhozifm (@ayandamsweli46) August 20, 2021
Anginawo Amaningi.... pic.twitter.com/2FaWeus9gk
Umphathi wakwaHalfway Ford ePort Shepstone uSicelo Nyandeni uthe sekunesikhathi bebuka umsebenzi kaMsweli elekelela umphakathi.
"Sibe sesithatha isinqumo sokuthi aselule isandla ngokuthi simxhase ngohlobo oluphambili lweFord Ranger Wildtrak ukuze akwazi ukufinyelela ezindaweni ezimbi azihambayo emhlabeni wonke ukuze abantu bakwazi ukuthola usizo olufanele."