IMOTO: KIA PICANTO
Uma amehlo esejwayele ukubona into kuyenzeka agcine engasayitsheli ingqondo ukuthi ayinakisise.
IKia Picanto ingenye yezimoto ebese ngingazinaki emgwaqeni kodwa kwathi sengihamba ngayo, ngaqaphela ukuthi yandile.
Kungenze ngakukholwa abakusho kwaKia South Africa ukuthi badayise angaphezu kuka-100 000 kusuka baqala ukuyidayisa ngo-2004.
Ebengikubona wukuthi ibihamba abantu abahlukene, abadala nabancane okungabesilisa nabesifazane. Abekho engingaphuma nabo iqhubu ngithi naba abashayeli bePicanto.
Ngokosayizi, iPicanto incintisana neToyota Vitz, Suzuki Celerio, Renault Kwid neHyundai Grand i10.
Ubude bayo bungu-3 595mm okuyenza ibe ngaphansi kuneKwid yona engu-3 731mm neVitz neCelerio zona ezingu-3 695mm bese kuthi iGrand i10 ibe ngu-3 815mm.
Ngokwentengo njengoba iqala ku-R260 995 incintisana neToyota Starlet, Suzuki Baleno, VW Polo Vivo yize zinkudlwana kunayo.
Naphezu kwalokho kodwa iPicanto inabantu bayo abayithandayo futhi okulula ukuqonda ukuthi kungani beyithanda.
Ngingena kuyo ngishaya ukhiye ngiyizwe izwakala “inempilo”. Uma ufunda phansi injini incane futhi namandla mancane kodwa ibihamba kahle futhi ishesha nokungena ejubaneni ngenxa yobuncanne bayo.
Injini ingu-1.0 litre three-cylinder kaphethroli enamandla angu-49kW ne-torque engu-95 Nm. U-gearbox bekuyi-5 speed manual okulula ukushintsha amagiya kuwo kodwa uma uthanda uyakwazi ukuthola oyi-4 speed auto.
Emgwaqeni omkhulu ibishushuluza ngale kwenkinga. Kuphethroli ibidla amalitha angu-5.4 ngo-100km ethangini elingu-35 litres.
Edolobheni yilapho obekumnandi khona ukuyishayela ngenxa yobuncane bayo futhi nokuyipaka bekulula.
Kusiza nanokuthi kunekhamera eveza ingemuva. Engingakuthandi nokho wukuthi i-wiper ewindini ngemuva alikho ngakho uma selingcolile bekuba nzima ukubona ngoba yize kunekhamera, ngiyathanda nokwenza isiqiniseko ngokujeqeza emuva ngezibuko.
Ngaphakathi ngoba kuyimoto encane isikhala asikho kangako ngemuva nasebhuthini. Kungene isikhwama sezimpahla nobhaka kwabe kuwukuphela kwayo ibhuthi. Ingu-255 litres.
Izinga kodwa ngaphakathi liphezulu ngoba yakhiwe yaqina. Ngikuthandile ukuthi kunezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili. Okunye engikuthandayo yi-touchscreen infotainment system engu-8 inch lapho odlala khona umsakazo. Bengiphinde ngikwazi nokuveza iselula nge-Apple CarPlay. Ngithande nezindawo zokubeka iziphuzo ngaphambili.
Ngaphandle yehlukile indlela ebukeka ngayo njengoba beyithuthukisile nje.
Bayishintshe indlela amalambu abukeka ngayo, i-grille nakubhampa. Okumele ukuqaphele wukuthi ayiphakeme kakhulu njengoba igabade ilishiye ngo-151mm nje nokuyinto emfishane kuneyeVitz yona ephakeme ngo-170mm.
Amasondweni kunamakhava angu-14 inch bese kuthi ngemuva kube namalambu ahlangene ngemuva njengeSonet yakwabo. Baphinde bayishintsha nobhampa.
Yize iPicanto ithandeka kodwa incane futhi nentengo iyibeka ezimotweni ezinkudlwana kunayo.
Intengo:
Kia Picanto 1.0 LX Manual - R 260 995
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa ne-Roadside Assistance kanjalo ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km.