IMOTO: FORD RANGER RAPTOR
NGESIKHATHI iFord Ranger Raptor ifika eNingizimu Afrika ngo-2019 kusuke elikhulu igidigidi, ikakhulukazi kubathandi bamaveni ngoba yayihluke kakhulu kunayayitholakala emakethe ngaleso sikhathi.
Empeleni namanje kusenzima ukuthola ukuthi iyiphi ngempela imbangi yayo eqondile. AbeFord bamemezela ngo-2017 ukuthi bazokwakha le veni efemini yabo esePitoli, batshala nezigidi zamaRandi ukulungisela lokho.
Ekuqaleni konyaka kwethulwe entsha. Enye yezinto ehluke ngazo wukuthi ayisenziwa ePitoli kepha isilandwa eThailand.
I-Raptor ngingayichaza njengeRanger eyisidlakela wena owabona u-Ox Nche noBongi Mbonambi eqenjini Amabhokobhoko amatasa neNdebe yoMhlaba eFrance.
Isho ngamakhwapha aqumbile lapho kunamasondo angu-85/70 R17 BF Goodrich® all-terrain KO2® tyres khona.
Ngemuva okufike kugqame yizinqawe ezimbili okuyinto ebingekho kwendala. Akuzona ezokuhlobisa kodwa ziyawubanga umsindo. Esiteringini kunebhathini lokuwuvala umsindo nokuwunyusa ngamazinga ehlukene.
Umsindo wayo uyajovana impela kodwa ngigcine sengincamela ukuwucisha ngenxa yokuzama ukonga uphethroli. Phela ayisekho leya njini engu-2.0 BiTurbo kadizili eyayinamandla angu-157kW njengasekuqaleni.
Kunalokho kufakwe engu-3.0 litre EcoBoost twin-turbo kaphethroli eyiV6. Ikhafula amandla angu-292kW ne-torque engu-583Nm. Igearbox kuseyi-10 speed auto njengasekuqaleni.
Kuthe kuntanta isele ethangini elingu-80 litres ngayibona iveza ukuthi ingahamba ngaphezulu kancane kuka-400km ngezwa uvalo luthi heqe ngoba indlela ibibheke phansi eMsinga. Bengizibuza ukuthi kazi ngizohamba ngibuye yini eThekwini.
Ngihambe amakhilomitha angu-352.6 yaveza ukuthi isengahamba amanye angu-96 ngaphambi kokuthi ngiphinde ngiyifake egaraji eGreytown sengibuya.
Sihlukane nayo ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa idla 15.l/100km. Icishe ifane neJeep Gladiator nayo eyiV6 engathi ngiyivivinya yaveza ukuthi idla 14.4/100km.
Cishe yisona sici sayo esikhulu lesi iRaptor uma unenkinga yokungena ephaketheni uvakashele egaraji, ikakhulukazi ngoba intengo kaphethroli ikhuphuka nje.
Ukuhamba ngayo kumnandi ngoba ukuphakama kwayo kwenza umgwaqo uwubone kahle futhi intofontofo. Ine-touchscreen infotainment system enkulu oveza kuyo inkombandlela, udlala umsakazo ngezipikha zeBang & Olufsen uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, usetha khona imoto nokunye.
Ngiyakuthanda nobuningi bezindawo zokushaja okukhona kuzo noshaja ngaphandle kwentambo.
Isikhala sikhona ngaphakathi kanjalo nasesikhenkeni yize kungekho seyili noma i-roller shutter yokuvikela impahla.
Izihlalo zikubamba kahle unganyakazi. Esiteringini kunamabhathini okushintsha i-suspension ukuthi ibe njani kanjalo nesisindo sesiteringi.
Isiteringi lesi ngisizwe siyikhomba lapho oyifuna khona. Emajikeni, ukushelela kwamasondo ngikuzwile, okuyinto eyayikhona nakwendala.
Okuhle kodwa wubukhona benkinobho yokuyenza idonse ngawo wonke amasondo ngokuthanda kwayo (4A). Lokhu kuyasiza ukuthi ibambelele kangcono.
Likhona nelika-4H ukuze idonse ngawo wonke ngokulingana, okuhle kakhulukazi uma usobhuqwini kanjalo no-4L. Ine-diff lock ngaphambili nangemuva, nekhamera eyenza impilo ibe lula eveza ingaphambili uma ukhuphuka intaba ufuna ukubona ukuthi kukhonani phambi kwayo.
IBaja Mode eyenza ibe yimoto yejubane nasobhuqwini kanjalo namanye ama-drive modes ahlukene.
Igearbox ishintsha kahle kodwa kunama-pedal shifters amakhulu ngemuva kwesiteringi uma ufuna ukuzibambela futhi uzwe nobumnandi bayo.
Ngikuthandile futhi ukuthi abeFord bazifakile ezokuphepha njengokuthi isho uma uzoshayisa, amalambu akhanya bha angamaLED, adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni okuyinto enhle ngoba kulula ukuthi uzithole usunyathela ulayini ngenxa yobukhulu bayo nokunye.
Intengo:
Ranger Raptor 3.0L V6 EcoBoost 4WD 10AT R1.184.100
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, i-roadside assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.