KUJWAYELEKILE ukuthi uma kuvela noma kukhulunywa ngezimoto ezingadayiswa eNingizimu Afrika kube khona umbuzo othi azilethwa ngani.
Impendulo wukuthi ngaphambi kokuthi imoto ilethwe ukuzodayiswa kuleli, luningi ucwaningo izinkampani ezilwenzayo kuqala.
Omunye wabantu abenza lowo msebenzi kwaToyota South Africa Motors (Tsam) wuNksz Joy Biyela. Isikhundla asengamele yiManager: Market Planning.
“Nginothando lokwenza ucwaningo, ukuqhamuka namaqhinga kanjalo nokuhlaziya futhi umsebenzi wami uhambisana kakhulu nalokhu. Ngibhekele uphiko oluthinta izimoto ezincane,” kusho uJoy ozinze ehhovisi lakwaTsam eGoli.
“Ngiqhamuka namaqhinga ngiphinde ngengamele ukuthi yiziphi izimoto ezifanele imakethe yaseNingizimu Afrika, yiziphi izinto okumele zibe nazo, imibala yazo ngaphandle nangaphakathi, intengo yazo, amakhasimende, isibalo sazo nokunye. Ngiphinde ngibhekele ukuthi imoto kumele ihlale isikhathi esingakanani nokuthi ithuthukiswe kanjani. Ngamafuphi nje, ngenza ucwaningo ngemakethe, imoto nangesimo somnotho bese siyahlela sibuye silungiselele okungase kushintshe ngomuso emakethe yezimoto.”
UJoy uthe ukhulele eMooi River naseThekwini kodwa iTheku yilo elisenhliziyweni yakhe. Uzichaza njengomuntu oyikhonzile impilo.
“NgiwuNtshangase, uMenziwa, uNjezi kaXhoko, uNdabezitha. Eminye imibuzo owesifazane akabuzwa ikakhulukazi kule nyanga yabantu besifazane,” kusho yena ehleka uma ebuzwa iminyaka yakhe nokuthi usethathiwe yini.
Uthe ungumuntu ozothile ozifela nge-jazz yaseNingizimu Afrika, ubuciko, ukuhambela izindawo, ukuqwala izintaba, ukuzinakekela nokuzivocavoca kangangokuba ijimu uyithatha njengekhaya lakhe lesibili.
“Ngiwumuntu wesimame okuthandayo ukuba wumuntu wesimame.”
Njengoba u-Agasti kuyinyanga yabo, uthe lesi yisikhathi sokuzinuka amakhwapha futhi siyisikhumbuzo sokuthi bagubhe ukwehluka kwabesifazane, impumelelo yabo nenzuzo yokuba semphakathini onabesifazane.
Le ntokazi ezikhululekele futhi ekhonze nokuhleka ithe, ngesikhathi ineminyaka engu-15 ifunda eRidge Park College, yambulelwa ukuthi i-Economics wubizo lwayo futhi yabona ukuthi izoqhuba lo msebenzi ngendlela ehlukile kweyabanye.
“Ngafunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseWestville futhi ngineziqu kwi- Economics, Finance, Banking, ne-Investment Management. Ukusebenza embonini yezimoto kungenze ngakwazi ukubhalansisa uthando lwami lwezibalo, imibono kanjalo nokuxazulula izinto ‘njengesangoma sesimo somnotho’ ngendlela ehlukile. Uhambo lwami luhlukile ngoba lungenze ngangena kwezokumaketha ngabona umsebenzi wami ezikhangisweni ezinkulu ezweni lonke, ngaba sezindabeni kwithelevishini manje ngikwiSolezwe. Asithi nje, ngayithola imboni yezimoto futhi isikhethe ukungigcina.”
UJoy uthe umndeni wakhe kanjalo nevesi leBhayilebheli KwabaseFiliphi 1:6 (ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube usuku lukaKristu Jesu,) yikho okumenza athobeke. Uveze ukuthi kusekuningi afuna ukukuzuza empilweni ngenhloso yokuzithuthukisa futhi kuyamkitaza uma ecabanga ngakho.
Njengoba ebhekele inqwaba yezimoto, okuhlanganisa neToyota Starlet Cross esanda kwethulwa, uthe yena uhamba ngeToyota C-HR ayithanda ngenxa yokudonsa kwayo amehlo ngaphandle.
“Inesihlalo esikahle futhi intofontofo emgwaqweni nokuyinto ehambisana nami. Singavumelana ukuthi ayikho into echaza njengomuntu wesifazane ofake izicathulo eziphakeme, izibuko futhi ohamba ngemoto enkulu eyiSUV enhle angithi?!”
Uphethe ngokugqugquzela abesifazane ukuthi bangadembeseli kepha bangene embonini yezimoto okubonakala kusagcwele abesilisa kuyo.
“Ngena. Uyazi ukuthi inkulumo esetshenziswa kulo nyaka ithi “umuntu ok’thandayo umbona ngezenzo’? Yenza njalo. Ngale kokuphupha nokuthandaza thatha izinyathelo ngokuthi uzihlomise ngolwazi bese uzifaka endaweni ezokwenza ukuthi uphile obukuthandazela. Hlangabeza uMvelingqangi nekusasa lakho phakathi nendawo. Njalo uma kukhona owesifazane ongenayo izinto ziyashintsha ngaso sonke isikhathi.”