EFEMINI ye-Isuzu Motors South Africa eseStruandale, eGqeberha, abasebenzi bakhona basuke sebewufezile umsebenzi wabo uma bekhiqize iveni iD-Max kanjalo namaloli.
Ukuze amakhasimende azi ngalamaveni, amaloli kanjalo neMuX SUV, kumele ithimba lezokumaketha lenze isiqiniseko sokuthi liyawenzisisa umsebenzi.
Yilapho uNksz Iviwe Poti nethimba lakhe bengena khona ukuze abathengi bengalokokithi nakancane babheke izimbangi.
U-Iviwe uyiMarketing Manager: Advertising, Brand Communications and Digital Marketing.
Ngaphambi kokujoyina i-Isuzu eminyakeni emine, le ntokazi ibibonakala kwithelevishini kwazise ibiyintatheli yezindaba kwaSABC.
Empeleni ubuntatheli yibo abufundela ngoba kwakuyiphupho lakhe ukucoshela izindaba.
“Ngifunde ezikoleni zamantombazane kusuka emabangeni aphansi nase-high school, eBhayi (eGqeberha), e-Erica Girls Primary naseCollegiate Girls High School,” kusho u-Iviwe.
“Ngithe uma ngiqeda esikoleni samabanga aphezulu ngafunda eNelson Mandela University ngenza izifuno zobuntatheli. Ngithweswe iziqu ngase ngiyosebenza eKapa ngabuya ngoba sengithole ithuba lokufundela bukhoma umsebenzi (internship) e-SABC. Yilapho engafeza khona iphupho lami, lokuba yintatheli.”
Njengomuntu ozifelayo ngezingqinamba ezintsha, kuthe uma kuvela ithuba lomsebenzi kwa-Isuzu walithatha ngazo zombili.
Umsebenzi awenzayo umenza axhumane nabantu abahlukene nokuyinto athe akayeshwami ngoba ukhule ngayo.
“Ekhaya kunebhizinisi le-printing, iMakufundwe Printers. Bengingumuntu obesebenza nngamaholidi ngisiza ebhizinisini likababa. Yilapho engifunde khona indlela yokusebenzisana nabantu nendlela yokuziphatha emsebenzini.”
Le ntokazi enendodana eneminyaka emithathu ithe iyaqhubeka nokuzithuthukisa njengoba kule minyaka emine, seyenze izifundo zesikhashana zePublic Relations neDigital Marketing ezihambisana nobuntatheli eRhodes.
U-Iviwe, othe ugqugquzelwa yimithandazo nezimfundiso zabazali, uzimisele ngokungangamandla akhe kuwo wonke amathuba avelayo kule mboni yezezimoto futhi avulele abanye besifazane abeza ngemuva kwakhe.
Uthe abesifazane akukho okumele bayisabe ngale mboni ebonakala isagcwele abesilisa.
“Ayikho into ethusayo lapha. Kungenzeka ukuthi kusagcwele abesilisa kodwa indawo yethu ikhona futhi kukhona abafuna ukusisiza kukhona nabafuna siphumelele!”
Uzichaze njengomuntu othobekile, okhonze ukuhlala endlini okuthi uma ethole ithuba lokuhlala nomndeni ajabule.
“Indawo engithanda ukuyivakashela yisemakhaya kwagogo. Ngikhule ngilusa izimbuzi nezinkomo futhi ukuhlaba ikhefu emsindweni wasedolobheni bekungijabulisa. Ngithanda nokuphuma ngizihambele, ukuchitha isikhathi nendodana yami nokubona umhlaba ngamehlo akhe anethemba nokuba msulwa. Ngikhonze nokuzifundela izincwadi nokubuka amaqophamlando ngoba andisa ulwazi lwami lokuqonda abantu nezihloko ezahlukene.”
Uyazifela ngendodana yakhe nokuphepha kwayo.
“Ngihamba ngeX-Rider futhi njengomama wangempela, ngiyakuthanda ukuthi ngikwazi ukuthi ngikhiya wonke amawindi ukuze indodana yami ingawavuli iveze ingalo. Ingenye yezinto zokuphepha ezenza umama akhululeke!”
Njengomuntu wesifazane okugujwa inyanga yabo kule nyanga u-Iviwe uthe lesi yisikhathi sokubuka imizamo yabo ngoba basebenza kanzima ukulwela amathuba ayebekelwe abesilisa.
“Kubalulekile ukuthi amakhono abesifazane engabukelwa phansi. Kimi le nyanga yisikhathi sokujabula, sijabulele labo abenza kahle emikhakheni abangakaze bacatshangelwe kuyo! Silapha namuhla ngenxa yesibindi nemisebenzi yabo ngokulwela amalungelo ethu njengabesifazane.”