"Hawu, iyazihambela futhi le moto?!"
Ubabaze kanje umntakadadewethu ebona ngiziphumuzela umlenze wangakwesokudla sishushuluza kuthelawayeka u-N3.
Bese ngifuna ukuphumuza unyawo, ngigweme nenkwantshu njengoba lubuye lube buhlungu nje, ngase ngilubeka eceleni.
Phela lokhu sekuyenzeka ezimotweni zesimodeni. Uvele uciphize ibhathini le-cruise control okuwubuchwepheshe obenza izimoto zizihambele ngale kokunyathela amafutha.
Sekuneminyaka bukhona futhi akuseyona nje into etholakala ezimotweni zomtakabani kuphela kepha sebehlele nasezimotweni zentengo ephansi.
Yize kunjalo kodwa kukhona abangakayazi nokusebenza kwayo.
I-cruise control wubuchwepheshe obenza imoto ihambe ngesivinini osikhethile ngaphandle kokuthi unyathele i-accelerator. Uyakwazi ukunciphisa noma ukunyusa isivinini ngeminwe usebenzisa amabhathini asesiteringini noma ngemuva kwaso kwezinye izimoto.
Uma unyathela amabhreki, iyacima. Kudingeka uciphize ibhathini lika-resume ukuze izobuyela ejubaneni olikhethile.
Ngokujwayelekile iyakuvezela kwi-instrument cluster ngokuthi ikhanye ilambu eliveza iwashi elinomcibisholo eceleni uma i-cruise control ivuliwe.
Kwezinye izimoto kune-adaptive cruise control. Yona yenza ukuthi imoto ingagcini kuphela ngokuhamba ngejubane olikhethile kepha iphinde inciphise uma kunenye ephambi kwayo iphinde izinyuse futhi isivinini uma ingekho. Uyayihlela ukuthi isivinini iqale isinciphise ngokokuthi imoto ephambi kwayo iqhele kangakanani.
Kwezinye ize ixutshwe nokuthi isize umshayeli ngokuzibuyisa emzileni uma kwenzeka iphuma emzileni.
Ngokwe-Arrive Alive (AA), i-cruise control yakhelwe ukuthi iphumuze umshayeli kunokuthi imphephise, ikakhulukazi uma ehamba ibanga elide.
Empeleni ukuyisebenzisa kuyasiza ukonga uphethroli ngoba ukunyathela i-accelerator uphinde ubhreke njalo kuyadla. Igwema nokugijima kungenasidingo.
I-AA yeluleka ngokuthi ukushintsha kwesimo somgwaqo kungaba nobungozi uma uyisebenzisa. Uma kwenzeka uya ngesivinini esiphezulu ejikeni bese uyabhreka ube ujika lokho kungenza imoto ingabhalansi kahle.
“Lokho kungaphazamisa ukubambelela kwemoto, kokunye iphaphalaze.”
Ithe i-cruise control akumele abashayeli bayisebenzise uma isimo sezulu singesihle, ingenza umshayeli anganaki futhi akumele isetshenziswe wumshayeli okhathele.
Kwa-AA bathi ingenza umshayeli angakwazi ukusheshe agweme ingozi uma kunesimo esiphuthumayo. Bachaza ngokuthi kungathatha isikhathi ukuthi ubuyise unyawo uma kumele ume.