IGEBE lezinga lezemfundo eNingizimu Afrika liselikhulu okudalwa wukushoda kwezinsiza-kusebenza kwezinye zezikole.
Uhulumeni usahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izikole zinakho konke okuzokwenza ukufunda nokufundisa kuqhubeke ngale kwezihibe.
Ngesikhathi kusalindwe lokho, inhlangano iRally to Read, ithe ngeke isonge izandla ibukele.
Ngosizo lwezinkampani ezixhasayo, ithumela izikole ngezinsiza, okuyizincwadi, amabhola, amakhabethe, izikhwama zabafundi, okokuzenza zibonwe kalula ngabashayeli uma zihamba emgwaqweni nokunye. Ibuye iqeqeshe othisha.
Enye yezinkampani ezixhasa iRally to Read, yiSuzuki Auto South Africa.
Ngempelasonto singene kwiSuzuki Grand Vitara salandelana neSuzuki XL6. Bekuyithimba lezintatheli zezimoto kanjalo nabezokumaketha, ukukhangisa enkampanini nosebenza ehhovisi lakwandabazabantu.
Indlela iqale emahhovisi laseJohnsson Workwear kuMngeni Road, eThekwini. Nayo le nkampani ingabanye babaxhasi beRally to Read.
Yilapho ebesiyolanda khona izinsiza okuzomele zihanjiswe ezikoleni.
Uma ngibona imithwalo, ngizibuze ukuthi sizoyilayisha kanjani ngoba ibhuthi yincane. Ingu-310 litres, okuyisikhala esingaphansi kunendala esasingu-328 litres.
Icebo kube wukulalisa izihlalo ezimbili ngemuva ngoba besibathathu emotweni. Yilapho ekwaze khona ukugwinya ikhabethe elincane elilodwa, obhaskidi, izincwadi nezikhwama zethu zezimpahla zokushintsha.
NakwiXL6 kube ngesifanayo kwalaliswa izihlalo.
Sengiyifaka kuthelawayeka uN3 sibheke eHilton, ngaphansi kukaMasipala oholwa wuChris Pappas, yilapho engizwe khona ukuthi injini isebenza kanjani. Ingu-1.5 litre kaphethroli esebenza nebhethri, okuyenza ibe yi-hybrid. Inamandla ahlanganisiwe angu-75.8kW ne-torque engu-136.8Nm. Ugearbox uyi-6 speed auto.
Iyithwala kahle yize bekuba nezikhawu lapho ngiyizwa yehlisa amagiya bese ibanga umsindo izama ukubamba ijubane.
Ibhethri elisebenza nenjini bathi lisiza nasekongeni uphethroli. Besingasondeli nakancane ku-5.6l/100km abathi iyawudla ngoba besingaphansi kancane kuka-8l/100km.
EHilton yilapho esihlangane khona nabanye abafake isandla kwiRally to Read nobuholi bayo.
Le nhlangano yasungulwa nguBrand Pretorius ohlonishwayo embonini yezezimoto ngamagalelo akhe ekubeni ngumqondisi wezokumaketha kwaToyota South Afrika ngeminyaka ngo-1988. Le nkampani idlondlobale yaba sesicongweni ngokudayisa kuleli.
Ubuye waba ngumholi weMcCarthy Motor Holding eyengamele amagaraji amaningi ngaphambi kokuthi khumu ngo-2011.
“Esikhathini esiningi sizizwa siphelelwe yithemba. Kukhona isisho samaChina esithi: ‘Kungcono ukulayitha ikhandlela kunokuthuka ubumnyama.’ Uma sesivakashela izikole sizobe sikhanyisa ikhanndlela.
Ucwaningo luveza ukuthi zilinganiselwa ku-2 000 izikole ezinganakiwe emakhaya ezingenamanzi nezindawo zendle. Sithe izingane ziyikusasa, ngakho lokhu akwamukelekile,” kusho uPretorius.
Umkhankaso usuhambele izikole ezingaphezu kuka-1 000 kusuka ngo-1998.
Esikoleni abagcini ngokushiya izincwadi nokuqeqesha othisha kodwa basihambela iminyaka emithathu belandelela ukuthi ikhona yini inqubekela phambili, baphinde basize.
Amathimba ahlukene ahambele izikole ezahlukene, okubalwa kuzo i-Nkelabantwana Primary School, eBulwer.
Uthishanhloko wakhona, uNompumelelo Funeka uhluleke wukuzibamba yinjabulo ebonga engaphezi.
“Kunesisho esithi uma ufuna ukufihlela umuntu omnyama ulwazi, bhala phansi. Sizolisebenzisa ngendlela ithuba esilitholile ukuze kuzuze abafundi,” kusho yena.
Ngesikhathi abanye bebheke kwezinye izikole, indlela yethu idlulele eNdebeni Primary School, eDonnybrook.
Uma sikhuphukela khona, iGrand Vitara siyenza idonse ngawo womane amasondo ngoba sesihamba obhuqwini sifuna ibhalanse kahle.
NjengasenNkelabantwana, abafundi, othisha nabazali bebechichima yinjabulo futhi basamukele ngomculo. Baholwa wuthishanhloko, uPhili Ngcobo.
Endleleni ebuyela emuva livele yayidliva imvula ngabe sengikhanyisa amalambu angamaLED ukuze abanye abashayeli bangibone. Ngendlela ebese liyishaya ngayo kube nzima nokubona umgwaqo. Yilapho ngixhume khona iselula nge-Apple CarPlay kwi-touchscreen infotainment system enkulu ukuze ngifake inkombandlela ezongikhombisa ukuthi umgwaqo ujika kanjani.
ISuzuki Grand Vitara iqala ku-R347 900.