IMOTO: FORD RANGER
Kwengezwe izinhlobo ezintsha zamaFord Ranger okukhona kuyo nokuyiyona ewubutsetse kunawo wonke iPlatinum.
IPlatinum ijoyina iTremor okuyizona zinhlobo ezintsha ebezingekho phambilini.
IPlatinum ifika ne-grille ehlukile futhi iqoshwe uPlatinum kwibhonethi wena owabona i-Everest Platinum.
Ikhanyisa ngamaMatrix LED headlights njengeRaptor.
Iphinde ihlotshiswe ngechrome emzimbeni futhi inamarimu angu-20 inch. Esikhenkeni ine-sports hoop nama-side rails.
Ngaphakathi inezihlalo ezahlukile eziqoshwe igama layo. Ezangaphambili ziyakwazi ukufudumala noma zibande futhi zihlelwa ngogesi.
Ine-instrument cluster engu-12.4 inch efana neyeRaptor. Iphinde ibe netouchscreen infotainment system engu-12inch, amakhamera aveza umzimba wonke kanjalo nezipikha zeB&O.
Ezokuphepha nezinsiza zomshayeli zihlanganisa ukuthi ikusize uma uhlehla nenqola ikukhombise ukuthi uzohlehla kanjani bese ugada isiteringi.
Okunye yi-Adaptive Cruise Control, ama-airbag okukhona kuwo naphakathi kwezihlalo zangaphambili nokunye.
Injini ehamba ngayo ingu-3.0 litre V6 turbodiesel enamandla angu-184kW netorque engu-600Nm.Idonsa ngawo womane amasondo noma amabili futhi inama-drive modes ahlukene.
Ford Ranger Tremor
IRanger Tremor yona isuselwe kwiXLT kodwa inokunye okufana neWildtrak X.
Inenjini engu-2.0 l Bi-Turbo enamandla angu-154kW netorque engu-500Nm futhi idonsa ngawo womane amasondo njengakwi-Wildtrak X. U-gearbox uyi-10 speed auto.
Ihamba ngamasondo anamarimu angu-17 inch okungama-General Grabber AT3. Lokhu kuyinto abathanda ukuhamba obhuqwini abazoyithokozela.
Kuningi okusiza umshayeli enakho okuhlanganisa iTrail Turn Assist eqale ukubonakala kwiWildtrak X. Yenza ukuthi ijikele eduze uma isobhuqwini.
Kukhona neTrail Control eyenza ukuthi izihambele ngejubane elingaphansi kuka-32km/h futhi ibhreke uma kunesidingo, umshayeli agade isiteringi kuphela.
Okunye kuyafana nakwamanye amaRanger.
Ngaphandle ishaya ngegrille emnyama eyenza ihluke kwiXLT. Iphinde iqoshwe uTremor. Baphinde bayenza yaphakama ukuze izohamba kahle ezindaweni ezinzima.
Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system enkudlwana engu-12 inch okuyilapho iveza khona lonke ingaphandle njengoba inamakhamera umzimba wonke.
Iphinde iveze neselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay ne-Android Auto.
Intengo:
Ranger Platinum Double Cab 3.0L V6 4WD 10AT R1 119 000
Ranger Tremor Double Cab 2.0L BiT 4WD 10AT R977 500
Zombili zifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, Roadside Assistance yeminyaka emine ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.