Inkampani engeyesibili ngokudayisa kakhulu izimoto eNingizimu Afrika, i-Volkswagen Group South Africa (VWSA), idalule izinhlelo zayo zika-2024 ezihlanganisa nokuvezwa kwezimoto ezintsha ezozidayisa kulo nyaka.
ENingizimu Afrika ngo-2023, ngokwezibalo ze-Naamsa, kuvela ukuthi kudayiswe izimoto ezintsha ezingu-532 098.
Ezingu-142 612 kube ngezakwa-Toyota South Africa Motors nokuyenza kube yiyo ephambili. I-VWSA (ehlanganisa ne-Audi) idayise ezingu-67 411.
Isikhulu sale nkampani, uMartina Biene, siveze ukuthi iPolo Vivo yiyo edayise kakhulu njengoba kuhambe angu-23 904.
I-Vivo ikhiqizwa efemini yakwa-VWSA (esizobizwa nge-Volkswagen Group Africa) eseKariega, eGqeberha, e-Eastern Cape.
UBiene uthe yize ngo-2023 bekwazile ukunyusa umthamo womkhiqizo efemini njengoba ama-Polo abawakhile adayisa ngaphandle kwakuleli isibalo sawo sinyuke ngo-3 500 uma kuqhathaniswa no-2022 aba ngu-101 557.
Lokhu kwenze i-Polo kwaba yiyona moto eyakhiwa kuleli edayise kakhulu ngaphandle.
Uthe ayisekho ifemu yale nkampani esizokwakha i-Polo ngaphandle kweyakuleli bese idayiselwa amazwe omhlaba.
Kukhona nenye i-SUV encane abasezinhlelweni zokuthi yakhiwe kule femu.
I-VWSA ayigcini ngokukhiqiza i-Polo ne-Polo Vivo kodwa iphinde idayise amaphathi asetshenziswa ezimotweni zayo.
Amaphathi e-dashboard asetshenziswa emotweni i-Taigo eyakhiwa eSpain akhiqizwa kuleli. Ama-frame ezihlalo zama-Polo Vivo baphinde bawasebenzise ukwakha izihlalo zeveni i-Amarok endala esakhiqizwa e-Argentina.
Ukuba khona kwe-VWSA kwenza kudaleke amathuba omsebenzi angu-3 900 futhi ngonyaka iholela abasebenzi imali engaphezu kukaR3 billion.
Isikhulu sefemu u-Ulrich Schwabe, sithe ukuze bakwazi ukumelana nomthamo okumele bawukhiqize, nokwanda kwawo, kuningi abakwenzayo ukonga imvelo, ugesi namanzi abawasebenzisayo.
Uthe bafake amathangi amanzi ukuze bagcine amanzi emvula, banciphisa imfucuza futhi bafake nama-solar ngenhloso yokusebenzisa ugesi welanga.
Izimoto ezizokwethulwa ngo-2024.
UBiene uthe u-2023 “ubuthule” kubo kunendlela abengathanda ngayo nokuyingakho bezokwethula izimoto ezintsha emakethe yakuleli kulo nyaka.
Ngokwezibalo zokuthengwa kwezimoto eMzansi ngoJanuwari nonyaka, iSuzuki Auto South Africa icathamela indawo yesibili ephethwe yi-VWSA. I-Suzuki idayise izimoto ezingu-5 235 kanti i-VWSA idayise ezingu-5 490.
Izikhulu zale nkampani zithi azikhathazekile ngalokhu. Zithe inzalo yemalimboleko iphindeke kabili kuleli nokwenza abantu bathenge abangakwazi ukumelana nakho. Zithe le nkampani ineminyaka engaphezu kuka-70 kuleli futhi isazoqhubeka nokuba khona inike amakhasimende izimoto ezisezingeni.
Ukwehlisa intengo kwenza imoto yehlelwe yizinga.
Imoto yokuqala ezayo yi-T-Cross ethuthukisiwe. Kusuka yethulwa ngo-2019, kuleli kudayiswe angu-34 261. Empeleni nyakenye kube yiyona moto yale nkampani elandwa phesheya edayise kakhulu eMzansi.
Ethuthukisiwe ishintshwe ngaphambili nangemuva kanjalo namalambu. Ifika nemibala emisha. Ngaphakathi bayishintshe i-infotainment system ne-digital cockpit efika ngale kokwengeza imali.
Ngohhafu wesibili wonyaka kuzophinde kwethulwe intandokazi ye-SUV yakwa-VW emhlabeni jikelele i-Tiguan. Entsha ihluke kakhulu kunendala kusukela ngaphandle kuyoshaya ngaphakathi. Inamalambu angama-LED, amarimu agcina ku-20 inch, i-digital cockpit entsha nokunye. Izihlalo zangaphambili zesikhumba ziyakuwotawota.
Maphakathi nonyaka kuzoza umakhonya wama-SUV ale nkampani iTouareg ethuthukisiwe. Ifakwe amalambu amasha ama-IQ.Light HD matrix headlights, ingaphambili nengemuva elishintshiwe.
Ngemuva uphawu lwakwaVW luyakhanya. Ngaphakathi bathi balalele amakhasimende bayishintsha izinto ezithile bathuthukisa izimbombo zokushaja esezikhipha umlilo ngokushesha nokunye. Iphinde ifike nenqwaba yezokuphepha. Injini kuseyi-3.0 TDI enamandla angu-190kW.
Njengoba kungenisa izimoto ezihamba ngogesi, i-VW isilethe i-SUV ehamba ngebhethri i-ID.4 ukuba izohlolwa. Izovivinywa ngabezindaba namakhasimende kulalelwe izimvo zabo ngethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi izodayisa kuleli.
Inebhethri elingu-77kWh abathi uma lishajiwe ungahamba 520km. Inamandla angu-150kW.