Kubukeka sekuseduze ivele iToyota Hilux entsha elindelwe ngabomvu kulandela ukubonakala kwezithombe zemoto okuthiwa ihlolwa eThailand muva nje.
IHilux yintandokazi yeveni kangangokuba iyona moto edayisa kakhulu eNingizimu Afrika okuzedlula zonke.
Kuleli yakhiwa efemini yakwaToyota eseProspecton eThekwini. Ekhona njengamanje iqale ukudayisa ngo-2016.
Ezithombeni ezivelile kubukeka sengathi kuthathwe ekhona yase ithuthukiswa kunokwakha kabusha imoto entsha.
Izinguquko kubukeka zingeke zigcine ngaphandle kuphela kodwa nangaphakathi njengoba eyamanje isiziveza ubudala bayo nokuyinto ekhalisa abanye babantu.
Maningi namathuba okuthi ithuthukiswe nendlela ehamba ngayo kwengezwe nobuchwepheshe besimanje.
KwaToyota balokhu belindise amakhasimende ngezinhlobo ezahlukene zeHilux. Balethe iGR-S III nyakenye kanjalo ne-48V okuyiHilux eyengezwe i-mild hybrid technology.
Kwentsha akukaveli lutho ngenjini kodwa kungenzeka kuqhubeke ekhona eyi-2.8 litre GD-6 kadizili enamandla angu-150kW nenawu-165kW.
Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo kwaToyota South Africa Motors bazoba nombuthano obizwa ngeState of the Motor Industry lapho bezochaza khona ngezinhlelo zabo nokuyilapho bengase baphawule khona ngeHilux.
Umbiko sizoba nawo kwiSolezwe.