IMOTO: VOLKSWAGEN POLO VIVO
IVolkswagen Polo Vivo yasheshe yazitholela indawo ezinhliziyweni zabantu kusuka iqala ukudayisa kuleli ngo-2010 ivala isikhala seCiti Golf.
Kwa-VW bathi sebedayise amaVivo angaphezu kuka-425 000 kule minyaka engu-14 eyedlule.
Kungokokuqala ukuthi bayithuthukise kusuka kwafika entsha ngo-2018. Kunalokho bebenza ezekhethelo njengeVivo Mswenko.
Efemini yale nkampani eseKariega, eGqeberha, yilapho izinto zenzeka khona njengoba iVivo yenziwa khona kusuka ekudwetshweni kwayo kuze kuyoshaya ekwakhiweni kwayo.
Bayishintshe ngaphandle nangaphakathi base bengeza nezokuphepha.
Ngaphandle ngaphambili bayishintshe kubhampa nasemalambini kuthi ngemuva bayithatha igama balifaka phakathi nendawo ezansi kophawu lakwaVW njengasezimotweni zakamuva zale nkampani.
Iphinde ibe namarimu amasha angu-15” abizwa nge-Ubomi nangu-16 inch bese kuthi kwiGT uthole angu-17 inch. Okunye abakwenzile wukwengeza imibala bashintsha ne-antenna okhakhayini abathi ayiwona umhlobiso kodwa isiza ukuthi uthole i-signal ngaphakathi.
Ngaphakathi okufike kugqame yi-touchscreen infotainment system entsha engu-9 inch. Yakhiwe yinkampani yase-Argentina, iMirgor, okuyiyo futhi eyakha eyeVW Amarok edayisa kuleliya lizwe. Abanye ezinkundleni zokuxhumana bathi ngathi iwumazifakela kodwa izojwayeleka ngokuhamba kwesikhathi. Lapha uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo nokunye. Uma wengeze ikhamera emotweni yakho, ingemuva ulibona khona.
Uma unaka nezihlalo bazishintshile ngokusebenzisa imikhiqizo emisha nendlela ezibukeka ngayo. Ezangaphambili zinama-airbag eceleni ukwengeza ezokuphepha nokwenza ama-airbag abe mane. Okunye okusiza ukuphepha kwabasemotweni yi-Electronic Stability Control efakwe kuzo zonke izimoto, ayihlehli uma isuka endaweni enyukayo futhi ine-remote central locking.
Ngaphansi kwebhonethi azikho izinguquko abazenzile. Kunenjini engu-1.4 litre kaphehtroli enamandla angu-55kW ne-torque engu-130Nm futhi u-gearbox uyi-5 speed manual.
Khona enye enamandla angu-63kW ne-torque engu-132Nm no-gearbox oyi-5 speed manual.
Eyesibili engu-1.6 litre nayo kaphethroli enamandla angu-77kW ne-torque engu-153Nm. Kuyona ukhetha phakathi kuka-gearbox oyi-6 speed manual okanye ozishintshayo oyi-6 speed.
Eyokugcina ngengu-1.0 litre TSI enamandla angu-81Kw ne-torque engu-200Nm. Le njini oyithola kwiGT ino-gearbox oyi-6 speed manual.
IPolo Vivo ngokwehlukana kwayo
Eyokuqala yiVivo enamandla angu-55kW. Kuyona ufica ama-fog lights, izibuko nezibambo zezicabha ezimnyama, isiteringi esinamabhathini, touchscreen infotainment system engu-9 inch, amawindi kagesi ngaphambili nama-airbag omshayeli nomgibeli.
Kwi-Life kwengezwe amarimu angu-15 inch Ubomi, izibambo zezicabha ezifana nomzimba wemoto, twin headlamps futhi uyakwazi ukwengeza i-cruise control, ama-airbag asemaceleni, ikhamera nama-sensor nendawo yokuphumuza ingalo ngaphambili
KwiStyle khona kwengezwa ama-sports seats ngaphambili, izipikha eziyisithupha, amarimu angu-16 inch, ama-airbag eceleni ne-cruise control. Nakhona uyakwazi ukwengeza okufana nakwiLife kanjalo namaLED headlights.
IVivo GT yona ifika nezihlalo ezihlukile, igiya eliyisikhumba, amarimu angu-17 inch, ukhakhayi namakhava ezibuko amnyama, spoiler nokunye.
Uma uthanda uyakwazi ukufaka iBlack Style Package kwiVivo neLife eyenza amarimu angu-15 inch abe mnyama, ukhakhayi namakhava ezibuko.
Intengo:
Polo Vivo 1.4 55kW Vivo R266,600
Polo Vivo 1.4 63kW Life R288,500
Polo Vivo 1.6 77kW Life Tiptronic R320,200
Polo Vivo 1.6 77kW Style R318,000
Polo Vivo 1.0 TSI 81kW GT R356,000
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, warranty yenjini yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha. IMaintenance Plan ne-service plan ukuthenga eceleni.