IMOTO: HYUNDAI i20
Ngemuva kweminyaka emithathu kuqale ukudayisa iHyundai i20 entsha sha eNingizimu Afrika, sekutheleke ethuthukisiwe efika nezinguquko ezimbalwa.
Kusuka yafika entsha ngo-2021, le nkampani isidayise angaphansi kancane kuka-11 000.
Isesigabeni esingesesibili ngokuthandwa ezimotweni ezincane okungama-hatchback anezicabha ezinhlanu, kuhlanganiswa nebhuthi. Selokhu kuqale unyaka sekudayiswe ama-hatchback angu-43 301 okuyisibalo esingemuva kuka-60 872 odayiswe kumaSUV nama-crossover.
I-i20 iphethe u-10% kulesi sigaba sezimoto. Incintisana nezimoto okubalwa kuzo iTopyota Starlet, Kia Rio, Citoen C3, Suzukli Baleno, Opel Corsa, VW Polo nezinye.
KwaHyundai bafuna ukubamba abathengi kulo mncintiswano nokuyingakho sebelethe i-i20 ethuthukiswe emakethe yakuleli.
Ifika ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiPremium, Executive neN Line.
Phakathi kwezinto ezishintshile kubalwa indlela ebukeka ngayo ngaphandle, kubhampa, amarimu nangemuva kubhampa
IN Line ikhanyisa ngamalambu angamaLED futhi ine-sunroof.
IPremium ifika namakhava angu-15 inch emasondweni kuthi iPremium neN Line zona zibe namarimu amasha angu-16 inch.
Ngaphandle zinemibala emihlanu okhetha kuyo okukhona kuzo nokhakhayi olumnyama bese ihluka emzimbeni.
Ngaphakathi kunesikhumba sokuzenzela nendwangu ezihlalweni.
Zonke zine-touchscreen infotainment system engu-8-inch okuyilapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto. Kuphinde kuvele ingemuva uma uhlehla. IN Line inezipikha zeBose.
Kwi-N Line kuphinde kube nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo ngaphezu kwezokushaja nge-USB.
KwiPremium ne-Executive kukhona izinjini ezimbili zikaphethroli ezingu-4-cylinder amakhasimende akhetha kuzo. Eyokuqala ingu-1.2 litre enamandla angu-61kW ne-torque engu-114,7 Nm no-gearbox oyi-5 speed manual. Kuphethroli bathi idla amalitha angu-5.9 ngo-100km.
Eyesibili ingu-1.4 litre enamandla angu-73.3 kW ne-torque engu-133.4 Nm no-gearbox oyi-6 speed automatic. Kuphethroli idla u-6.9l/100km.
I-N Line yona bayigaxe injini eyi-3-cylinder turbocharged kaphethroli. Inamandla angu-89,5 kW ne-torque engu-171,6 Nm futhi isebenza no-gearbox oyi-7 speed dual clutch transmission.
Yiyo esiyishayelile eThekwini ngesikhathi yethulwa. Okokuqala engikuqaphele kuyo wukuduma kwayo njengoba ibibhonga futhi iqhuma wena owabona iVW Polo GTI. Lokhu kuzoheha kakhulu igenge esencane ethanda umsindo.
Emgwaqeni ishesha kahle futhi iyabambelela nasemakhoneni.
Kwezokuphepha i-i20 entsha bayifake ama-airbag ngaphambili kuthi kwi-N Line kube nengeziwe. Inamabhreki angama-ABS ne-EBD kuthi iN Line iphinde ibe ne-ESC.
Intengo:
i20 1.2 PREMIUM MT MY24 - R309 900
i20 1.2 EXECUTIVE MT MY24 - R 329 900
i20 1.4 PREMIUM AT MY24 - R329 900
i20 1.4 EXECUTIVE AT MY24 - R349 900
i20 1.0 N LINE DCT MY24 - R467 500
Zonke zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.