IMOTO: MERCEDES-AMG C 43 4MATIC
UMA ungumuntu ozifela ngezimoto ezinejubane futhi eziphephile uzoyithanda iMercedes-AMG C 43 4MATIC entsha eyethulwe ngeledlule e-East London.
Okumnandi ngale moto enamandla asuselwe ezimotweni ezigijima kwiFormula 1, yakhiwa ekhaya leMercedes-Benz C Class e-East London.
Izoqala ukutholakala eNingizimu Afrika ngesigamu sokuqala sonyaka ozayo. Ngesikhathi yethulwa wonke umuntu ubheme wakholwa. Inejubane, amandla, ikwazi ukujika eduze futhi iyabambelela phansi.
Njengoba izokwakhiwa eNingizimu Afrika izolandelwa yi-C 63 S E PERFORMANCE ezoqala ukudayisa ngasekupheleni konyaka.
I-C 63 S E Performance inenjini engu-2.0l turbo eyi-four-cylinder. Ihambisana nenjini yebhethri ngemuva okuthi uma kuhlanganisiwe kukhafule amandla angu-500kW ne-torque engu-1 020Nm.
Idonsa ngawo womane amasondo futhi bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.4. Ijubane ligcina ku-280 km/h. U-gearbox uyi-9 speed ozishintshayo.
Injini yeC 43 nayo ingu-2.0l kodwa amandla angu-300 kW, okusho ukuthi kwengezwe u-10 kW kwendala. Ine-torque engu-500 Nm futhi idonsa ngawo womane amasondo
Ithatha imizuzwana engu-4.6 ngo-100 km/h. Ijubane layo eliphezulu lifinyelela ku-250 km/h. Uma wengeze i-AMG Driver's Package, ikwazi ukufinyelela ejubaneni eliphezulu elingu-265 km/h.
Ukwazi ukuyishayela ngezindlela ezehlukene njengoba ino-Sport noSport+ kuya ngokuthi ufuna ibhonge kangakanani njengoba inezinqawe ezine. Kuphinde kube nebhathini le-RACE START okwazi ukulicindezela isamile ivele isuke ngejubane.
Ine-Electronic Stability Program (ESP) esiza ngokuthi ijike kalula emakhoneni ngisho igijima ngaphandle kokuthi ube novalo.
Isteringi sayo sikwazi ukujika 2.5 degrees. Ngesikhathi uyijikisa amasondo angemuva nawo ajikela ngakolunye uhlangothi ukukusiza ukuthi ikwazi ngisho ukungena endaweni enesikhala esincane ngaphandle kokusaba ukuthi uzoyikhuhla odongeni. Lokhu kwenzeka noma ngabe igijima kanganani.
Ubuhle bayo ngaphandle nangaphakathi buyakhombisa ukuthi yi-AMG. Inamasondo angu-18-inch bese iphuma no-19 no-20 inch uma wengeze i-AMG Driver’s package.
Ngaphakathi inezihlalo zendwangu ze-ARTICO nezesikhumba ezibizwa nge-MICROCUT ezimnyama ezinestishi esibomvu ngokunjalo namabhande asezihlalweni abomvu.
Ine-MBUX infotainment eveza okuningi okwenzeka kuyona noma ukudlala umsakazo.
Iyakuxwayisa uma usuhamba ngejubane elizokufaka engozini ngaphambili ngokwenza umsindo osho ukuthi yehlisa ijubane. Inama-ABS, Brake Assist ne-ESP ehlukene izigaba ezintathu. Ibhuthi yayo ingu-455 litres. Ithangi likaphethroli lingu-66l.
Ukwakhiwa kweC Class e-East London kuvule amathuba omsebenzi angaphezu kuka-3 000.
Ngosuku kwakhiwa izimoto ezingu-500 okusho ukuthi muningi umsebenzi owenziwa khona.
Umsebenzi wakhona uyashesha njengoba kuthatha isikhathi esingaphansi kwehora ukupenda imoto iphele.
Lokho sikubone ngesikhathi kwenzeka sikulesi sikhungo okwakhiwa kusona iC Class.