IMOTO: SUZUKI JIMNY
SELOKHU kwathi nhlo iSuzuki Jimny ifika inezicabha ezintathu (uma ubala nesangemuva ebhuthini) nokuyinto okungenzeka ukuthi ibivimba abanye ukuthi bayibheke.
Into eyinkinga ngezimoto ezinezicabha ezintathu wukuthi uma ufuna ukungenisa umuntu ngemuva kumele ongaphambili aphume alalise isihlalo nokuyinto abanye abangayifuni.
Sekushintshile lokho ngemuva kokwethula enezicabha ezinhlanu ezodayisa kanye kanye naleyo ebivele ikhona ukuze abantu bazikhethele.
Ezithombeni iJimny ungathi yithoyizi ngisho nayo le enezicabha ezinhlanu yize ithe ukuba nkudlwana. Kuze kuba usondela eduze ubone ukuthi cha yimoto nje ephelele.
Bayilule ngo-340mm iwheelbase yaba ngu-2 590 mm ukuze kungene lezi zicabha ezimbili. Lokhu sekwenza kube lula kubagibeli abangemuva. Ngizame ukungena kwaba yinto elula yize uma umude kakhulu uzoba nenkinga yokushaya kwamadolo ezihlalweni zangaphambili.
Obunye ubuhle obenziwe ukululwa kwayo wukwanda kwesikhala sempahla. Sesingu-332 litres ekubeni kule enye siyimbijana singu-211 litres.
Ifika ihluke ngezinhlobo ezimbili okuyiGL neGLX.
KwiGL ufica amarimu angu-15 inch, i-grille ene-chrome, 7 inch touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto uphinde ubone ingemuva uma upaka, inezibuko ezihlelwa ngogesi, amawindi kagesi, ama-airbag amabili ne-Electronic Stability Programme.
KwiGLX kwengezwe amalambu angamaLED namafog lamps, i-screen se-infotainment singu-9 inch, automatic climate control, isiteringi siyisikhumba, izibuko emaceleni ziyagoqeka futhi ama-airbag ayisithupha.
Injini kuzo zombili iyefana kuseyiyo efakwe nakwiJimny enezicabha ezintathu.
Ingu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-75kW ne-torque engu-130Nm. Ugearbox uyi-5 speed manual kanti kwiGLX uyakwazi ukukhetha oyi-4 speed automatic.
Amandla iwathumela emasondweni angemuva kodwa uyakwazi ukukushintsha lokhu uma uthanda njengoba ikwazi ukudonsa ngawo wonke amane nge-AllGrip Pro 4x4 system.
Ngesikhathi yethulwa kwaSuzuki bahlele uhambo olusuka ePolokwane lubheke eBotswana.
Singene kwiGL engithe uma ngiyisusa ngezwa amagiya ezingenela kalula. Uma unyusa isivinini uyawuzwa umsinjwana womoya ungena ngaphakathi. Ukuba nkudlwana kwayo nesisindo esithe xaxa kwenza kungabi yinto ethusayo ukuhamba ngo-120km/h. Engikuqaphele kuyo wukuba ntofontofo kwayo.
Imigwaqo ebesihamba kuyo ubheke e-All Days inemigodi kodwa amasondo ne-suspension bekuzama ngayo yonke indlela ukuthi kungafinyeleli kangako kubagibeli.
Sithe siwela umngcele iPlatjan boarder sabe sesingena obhuqwini eBotswana. Yilapho igiya ngilifake khona ku-4H nokuyinto oyenza ngisho ihamba inqobo nje ijubane uma lingaphansi kuka-100km/h.
Sithe sesihamba esihlabathini somfula oshile ngayifaka ku-4 Low Range yasishaya kwangaba khona noyedwa obhajwayo.
Size sayongena ematendeni ebesiyolala kuwo esiqiwini iTuli Wilderness iJimny ikhombisa ukuthi yisiqwalantaba soqobo.
Okuhle wukuthi ngaphandle kokululwa ukuphakama kusafana ngoba igabade ilishiye ngo-210mm nobekwenza kungabi khona kangako ukwesaba ukuthi izoshaya phansi.
Ukwengezwa kwale Jimny ngibona kuzoheha amakhasimende abehambela kude nayo ngenxa yezicabha ezintathu. Okuhle wukuthi intengo ayinyukanga kakhulu uma uziqhathanisa njengoba umehluko kunguR39 000 kwiGL kuthi kwiGLX kube nguR41 000.
Intengo:
GL Manual – R429 900
GLX Manual – R457 900
GLX Automatic – R479 900
Zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.