IMOTO: JAGUAR F-PACE SVR
KUNEZINHLELO zokuthi kusuka ngo-2025 zonke izimoto ezidayiswa yiJaguar kube ngezihamba ngogesi kuphela.
Yize kuyinto enhle njengoba kuyimizamo yokuvikela imvelo kodwa uma unothando lokucula kwezinqawe zeF-Pace SVR kungaba yizindaba ezinganambitheki.
Uma uqhamuka ngemuva izinqawe ezine uzibona zicwebezela kusheshe kukukhanyele ukuthi akuyona iF-Pace ejwayelekile. Uma uthi nhla ebhuthini kuqoshwe uSVR (Special Vehicle Rating) okuyinto oyifica nakwigrille ngaphambili. Yikho okusidweba sicace isithombe ukuthi yimoto yejubane eyicelayo indlela.
Ubuhle bayo ngaphandle bengezwa nangamarimu angu-21-inch abawafake emasondweni ePirelli okulunguza kuwo namabrake callipers abomvu.
Uma uvula isicabha ubingelelwa yingaphakathi elishaya ngombala ongathi ucream inuku elisheshe lizibonele ukuthi akuyona indawo yalo ngoba ubukeka ukubamba kalula ukungcola.
Ipanoramic sunroof yenza kungene ukukhanya, ubuhle bucace bha.
Ngaphambili kunetouchscreen infotainment system enkulu okuyilapho okuningi ukuhlela khona kwazise akukho mabhathini, inkinga siyakuceba ngokungcola uma ususithinte kwaze kweqa. Inkombandlela ivela khona, ingaphandle layo livela khona ngamakhamera, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo nokunye.
Engikuthandayo wukuthi kulula ukuhlela amazinga okushisa ngaphakathi ngoba kunezinkinobho zokwenza lokho.
Isiteringi, esiyisikhumba futhi okwazi ukusishisisa, sinamabhathini okuhlela okushintsha okuvela kwi-instrument cluster kanjalo nezinsiza zakho njengomshayeli.
Ukuthi yiSVR yinto oyikhumbula kalula uma uthi jeqe esiteringini ngoba iqoshiwe, yisegiyeni nasekhanda ezihlalweni.
Izihlalo lezi ziyisikhumba futhi njengoba izulu livele lashintsha kwaba nemvula ehambisana namakhaza, ziyafudumala.
Uma uhleli kwezangaphambili ungathi ugonile nokuyinto enhle uma usushaya amajika ukuze ungalokhu ugungquza phakathi.
Uma uciphiza ibhathini lokuyidumisa eduze kwegiya yilapho livuka khona ‘ikati’ uzwe ukuthi inkulu injini efihlwe yibhonethi.
Ingu-5.0 litre V8 Supercharged kaphethroli ekhafula amandla angu-405kW netorque engu-700Nm. Angaphezu kwawembangi iBMW X3 M yona enangu-375kW kodwa angaphansi kwaweMercedes-AMG GLC 63 S E Performance ezayo enenjini engu-2.0 litre efuqa 500kW.
Uthi uyinyathela iF-Pace uyizwe ikuphushela esihlalweni ijubane linyuke mawala. Bathi kuyithatha imizuzwana emine kuphela ukubamba u-100km/h. Uma unganakile ungabona kuvumbuka ofake umfaniswano okhakhi emgwaqeni ekukhomba eceleni ngoba isivinini esingekho semthethweni sishayeka kalula kwazise igcina ku-286km/h.
Angiyena umuntu okhonze umsindo kodwa owale moto awungiciki, kungathi ngingalokhu ngiwuzwile.
Uma ishintsha amagiya kule 8 speed automatic transmission yayo uzwa izinqawe zikhipha umsindo osakuqhuma. Uma uzishintshela wena ngama pedal shifter amakhulu kamnandi ngemuva kwesiteringi ikuphendula ngokushesha.
Ikhala liya lapho ulikhomba khona futhi nomzimba awuwuzwa ulala uma ubamba amajika ngesivinini. Ukuduma ngisho ukufake ku-Eco kumadrive modes yinto ekhona. Ukuze ungazondwa ngomakhelwane ngokubavusa belele ngenxa yokubhonga kwayo, bayifake ibhathini lokukucisha, idumele phansi.
U-Eco uzowujwayela uma ufuna ukonga kuphethroli ngoba ngihamba ngayo ibidla amalitha angu-18 ngo-100km futhi yahamba ngaphezu kuka-335km yaveza ukuthi isengahamba omunye u-160km ngaphambi kokwetha.
Kungenzeka ibe phansi indlela edla ngayo komunye ngoba mina bengifuna ukubuye ngizwe ukuduma kwayo ngiphinde ngithi nokushesha.
Okuhle wukuthi amabhreki nguthaqa uma sekumele kumiwe. Lapho engekho mnandi khona yindlela egudluzela ngayo ngaphakathi ngenxa yokuqina kwesuspension futhi akukho nokuyenza ithambe.
Yize kunjalo kodwa iyimoto yomndeni eshiye inhliziyo ijabule ngemuva kokuyishayela. Uma ukhonze izimoto eziduma kamnandi, ungayibheka ngoba kungenzeka kube ngeyokugcina njengoba kuyiwa kugesi nje.
Intengo:
Jaguar F-PACE SVR - R2,176,000
Ifika neJaguar Care Plan yewarranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.