IMOTO: FORD EVEREST WILDTRAK
Phambilini bekwaziwa ukuthi ngamaFord Ranger kuphela ahlukene ngezinhlobo eziningi kodwa lokho sekubukeka kushintshile ngoba sekwenzeka nakwi-Everest.
I-Everest yiSport Utility Vehicle (SUV) engenkulu kakhulu esuselwe kuyona iRanger. Uzokhumbula ukuthi kwiRanger kukhona neWildtrak nokuyinto esiyenzekile kwi-Everest beyifaka nakhona.
Ingena phakathi kwePlatinum okuyiyona umakhonya neSport. Uma iphakethe livuma kodwa ungabuthandi ubukhazikhazi be-chrome okuphicwe ngayo iPlatinum, iWildtrak yakhelwe wena ngoba yona ithe ukuzotha kancane.
Ine-grille ehlukile kanjalo nobhampa ohlukile ngaphambili. Ukuze ungadideki, bayiqophe u-Wildtrak ngezinhlamvu ezinkulu ngaphambili.
Amalambu ekhanyisa ngawo angamaLED ngaphambili nangemuva.
Ezinhlangothini kunamarimu amakhulu angu-20 inch ayenza ibukeke kahle.
Isiyonke ngaphandle yinhle ubukhulu bayo buyenza ingazibeki uma iqhamuka ngoba iyagqama.
Ngaphakathi nakhona ibukeka kahle futhi inothe ngezinto eziningi efika nazo. Izitishi eziphuzi ezigudla ezihlalweni zesikhumba, egiyeni, esiteringini nakwi-dashboard ngezinye zezinto ezikutshela ukuthi yiWildtrak ngoba ziyenza yehluke kwezinye izinhlobo.
Ingaphakathi layo yindawo abayakhe kahle yaba sezingeni eliphezulu futhi ezindaweni lapho kumele iqine khona kuqinile, nalapho okumele ithambe khona, njengalapho uphumuza khona izingalo, kuthambe kahle.
Sengijahe ukubonela iToyota Prado entsha eduze ngiqhathanise ngoba kwaFord iFortuner abasayithathi njengembangi futhi impela ayisondeli nakancane kuyo ngokuningi.
Ilayisha abagibeli abayisikhombisa kodwa lokho kuyasinciphisa isikhala sempahla. Okuhle kodwa wukuthi uyakwazi ukudonsa inqola enesisindo esingu-3 500kg uma unemithwalo.
Okumnandi ngengaphakathi, ngale kwe-sunroof engenisa ukukhanya, wukuthi kukhona konke okudingayo njenge-touchscreen infotainment system enkulu owenza okuningi kuyo futhi nezindawo zokushaja abekho abebebangisana ngazo ngoba ziningi.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engatholakali kuma-Everest angaphansi kwayo engu-3.0 litre V6 turbodiesel enamandla angu-184kW ne-torque engu-600Nm. U-gearbox uyi-10 speed automatic.
Le njini iyithwala kungazweli nokuthi yimoto enkulu esindayo uma usunyathela futhi no-gearbox ushintsha ngesikhathi esifanele.
Ngiyezwa abanye bethi bafuna kwakhiwe i-Everest Raptor kodwa lokho kuyobe kusho ukuthi izodla kuphethroli okwedlula lo-10.9l/100km kadizili ebiwuphuza.
Uma isihamba ithule ngaphakathi futhi nasemabhampini ayizweli kakhulu ngoba intofontofo yize ngikholwa wukuthi ingaba ngcono kakhulu uma ungafaka amarimu angusayizi ongaphansi.
Emakhoneni uma ngifuna ukuwashaya ngokuzethemba bengivele ngiyifake ku-4A bese idonsa ngawo womane amasondo.
Noma usuphuma etiyeleni ungena obhuqwini akuyona inkinga ngoba zikhona zonke izinsiza no-4Low Range.
Okunye engikuthandayo wukuthi bayifake inqwaba yezinsiza zomshayeli nezokuphepha. Kukhona i-adaptive cruise control, iyasho uma kunemoto eseceleni noma izoshayisa, inamakhamera aveza umzimba wonke nokunye.
Iyathandeka iFord Everest Wildtrak ngezinto enazo namandla enjini eyenza ishelele kamnandi kodwa uma uyifuna kumele ungene ephaketheni. Lokhu kungenxa yokuthi izinga sebelenyuse kakhulu kuneyakuqala nokwenza kwanyuka nentengo njengoba nesigaba ekuso sebengayiqhathanisi neToyota Fortuner, Isuzu Mu-X neMitsubishi Pajero Sports kodwa sebebheka esingaphezulu okukhona kuzo iToyota Prado, Land Rover Defender nezinye.
Intengo:
Ford Everest Wildtrak – R1,180,200
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.