IMOTO: VW T-ROC
ABANYE bangathuka ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iVW T-Roc ithi isahlanganise iminyaka emibili ikhona eNingizimu Afrika, bese kwethulwa entsha.
IT-Roc ifike kuleli ngo-2020 usuyophela njengoba sekulethwa ethuthukisiwe nje. Ilethwe kuleli isinesikhashana ikhona kwamanye amazwe nokuyingakho sekushaye isikhathi sokuthi ithuthukiswe.
Indlela ebukeka ngayo ngaphandle ayikaze nhlobo ikhalise, ngisho nayo le entsha.
Ngaphambili bayishintshile indlela ebukeka ngayo nasemalambini njengoba amadaytime running light sebewafake kumaheadlight, hhayi ngezansi. Ama-headlight lawa angamaLED kanjalo namafog light ngezansi.
Amarimu angu-19 ayagqama uma uyibuka ngohlangothi le moto eyakhelwe phezu kwesisekelo seGolf 7. Ngemuva nakhona kunamaLED light nespoiler okhakhayini.
Ngaphakathi balinyusile izinga ngoba awusekho loya plastiki owawakhiwe ngawo kwidashboard obuyenza kube sengathi yimoto eshibhile.
Nendlela futhi idashboard eyakhiwe ngayo ishintshile. Itouchscreen infotainment system isiphezulu futhi nezinkinombo ze-aircon ngezansi azisekho, kunalokho kukhona amabhathini athambile owasebenzisa ngisho ngokuhambisa umunwe phezu kwawo.
Kule touchscreen engu-8 inch udlala khona umsakazo, ikuvezela inkombandlela nengemuva uma uhlehla, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo nokunye.
Nasesiteringini uzoqaphela ukuthi amabhathini awekho kodwa sekukhona lawa athambile kwaVW abathembisa ukuthi bazowashintsha babuyise amadala.
Okunye enakho ngaphakathi yizihlalo zesikhumba futhi esomshayeli sesihlelwa ngogesi, virtual cockpit, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, panoramic sunroof, izipikha ezigqomayo zeBeats nokunye.
Isikhala ngaphakathi sisafana futhi ebhuthini singu-392 litres.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-2.0 TSI enamandla angu-140kW netorque engu-320Nm. Amandla athunyelwa kuwo wonke amasondo njengoba iyi-4MOTION. Le njini ino-gearbox oyi-7 speed DSG.
Amandla lawa asafana nasekuqaleni njengoba ifika ku-100km/h ngemizuzwana engu-7.2 kuthi ijubane elikhulu libe ngu-216km/h. Injini le iyawafaka amandla impela futhi iyashesha emgwaqeni nokudlula enye imoto masinya, kuba wubala.
Nendlela ebambelela ngayo iyangichaza, okusizwa yikho ukuthi idonsa ngawo wonke amasondo.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-9.0 ngo-100km.
Okuhle-ke ngayo ukuthi nezokuphepha sezinyusiwe.
Bayigaxe i-IQ,Drive Package ehlanganisa i-Autonomous Emergency Braking with Front Assist, Adaptive Cruise Control with speed limiter neProactive passenger protection system yeFront Assist neSide Assist.
Intengo:
T-Roc R-Line 2.0 TSI 140kW 4MOTION DSG® - R660 400
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, i-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.