IMOTO: TOYOTA COROLLA XR HYBRID SEDAN
IWAYINI kuthiwa liba mnandi kakhulu uma iminyaka yalo isihambile nokuyinto engingayifanisa ne-Toyota Corolla sedan.
ICorolla ineminyaka ecela ku-60 ikhona njengoba yaqala ukudayisa kusuka ngo-1966 kanti ekhona manje yinhlobo yesikhombisa.
ICorolla sedan isabalwa nezimoto ezidayisa kakhulu emhlabeni jikelele kodwa eNingizimu Africa izinto zijikile. Phela kuthandwa kakhulu ama-SUV nokungamangazi ukubona ukuthi iCorolla Cross yiyo intandokazi manje ihlule i-sedan ne-Corolla hatchback.
Ngokwami, yibhadi lokhu ngoba iCorolla sedan iphelele. Kulezi zinsuku engizichithe ne-Xr hybrid sedan kungikhanyisele ukuthi kokunye ukujaha izinto zesimanje kusenza sishiye ngemuva ezisezingeni.
Inkinga ebhekene nayo kodwa wukuthi ayincintisani nje kuphela namanye ama-sedan kodwa nama-SUV uqobo ngoba abantu bavele baqhathanise intengo yayo. Empeleni angazi ukuthi ngingathi iyiphi imbangi yayo eqondile njengoba ezinye izinkampani sezanyula nje kulesi sigaba. Uma ubheka iHonda Civic Rs ibiza u-R725 000.
ICorolla sedan yona ngakolunye uhlangothi, iqala ku-R549 300 nge-Xs hybrid bese kuthi le ebesihamba ngayo i-Xr hybrid ibe ngu-R570 200.
Uma ubheka iCorolla Cross yona iqala ku-R408 400 kuthi i-Xr hybrid ibize ngaphansi kune-sedan efana nayo njengoba ingu-R527 200.
Kuhle ukuthi kwaToyota bakubeka ezandleni zamakhasimende ukuthi azikhethele, kuthi asathanda ama-sedan athathe yona kanjalo nafuna i-SUV ngemali ecishe ifane, engaphumi egaraji labo, abheke khona.
ICorolla sedan iheha ngobukhulu bayo ngaphakathi ngoba akekho osalayo uma nihamba njengomndeni. Ezinsukwini lapho amazinga okushisa ebephansi khona, bengivele ngizifudumezele izihlalo zangaphambili. Njengoba sekungena ukushisa nje, uyakwazi nokuzibandisa.
Nesikhala sempahla ebhuthini wudedangendlale njengoba ingu-470 litres. Ngiyakuthanda ukuthi kwaToyota basabambelele esenzweni sabo sakudala sokufaka isondo eliyisipele eliphelele elinerimu elifana nawangaphandle njengoba babenza nasezimotweni zabo zaphambilini.
Ngaphambili iqinile futhi inezindawo zokubeka izinto njengeziphuzo.
Yonke into isobala futhi akukho okunzima ukukujwayela ukuthi kwenzani. Kune-touchscreen infotainment system engu-7 inch. Iveza inkombandlela, uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubona iminininngwane ngemoto uphinde udlale nomsakazo.
Ngiyakuthanda ukuthi kunendawo yokushaja ngaphandle kwentambo ngaphambili neyokushaja nge-USB nokuthi ngemuva kunezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB. Bekungaba kuhle ukuba izibuko emaceleni uyakwazi ukuzigoqa uma usupakile ukuze ingashayeki.
Esiteringini esiyisikhumba kunamabhathini okuhlela umsakazo kanjalo ne-adaptive cruise control. I-adaptive cruise control le, akuyona yona into esiza umshayeli ekhona njengoba isho uma kunemoto eseceleni, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma izoshayisa nokunye.
Lokhu kukwenza uzizwe uphephile yize bekungaba kuhle ukuba iyazikhiya izicabha uma isuka. Okunye abakukhohliwe ngama-sensor asiza uma ipaka ukuze izobanga umsindo kunokuthi ubuke ikhamera kuphela.
ICorolla sedan Xr hybrid izokwenza ungajwayelani negaraji ngoba iyonga kuphethroli. Inenjini engu-1.8 litre kaphethroli esebenza nekagesi webhethri elizishajayo. Inamandla angu-103kW ne-torque engu-142Nm.
Ukugcwalisa ithangi elingu-43 litre ukhokha imali elinganiselwa kuR800 kanti bengihamba ngize ngikhohlwe ngoba liphela sengisondele ku-800km. Ngaleso sikhathi ibilokhu idla amalitha angu-4.5 ngo-100km.
Ihamba kamnandi emgwaqweni ithule futhi nasemabhampini ayizweli, kanti no-gearbox wayo ushintsha kahle.
Esinye sezizathu esenza abantu bethi bafuna ama-SUV yingoba ephakeme. Lena igabade ilishiye ngo-150mm okuyenza ingabi kude kwi-Corolla Cross yona ephekeme ngo-161mm.
Okuhle ngayo akugcini kuphela ngaphakathi nangaphansi kwebhonethi.
Ngaphandle ngiyibona njengemoto ezokwazi ukubamba ukubukeka kwayo ingakhombisi ukuhanjelwa yiminyaka.
Inamalambu angama- Bi-LED Auto High Beam ngaphambili, amarimu angu-16 inch namalambu angama-LED ngemuva.
IToyota Corolla Xr hybrid sedan iyimoto enokuningi okuhle ngayo uma ungumuntu ongahambisani nezitayela zesimanje ufune amaSUV. Iyonga kuphethroli, ivuleke kahle ngaphakathi futhi ihamba kamnandi nasemgwaqeni. Intengo yayo ebabazekayo ngenye yezinto ezenza abantu bacabange kaningi ngayo.
Intengo:
Toyota Corolla Xr hybrid sedan – R570 200
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km ne-service plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km.