IMOTO: TOYOTA STARLET CROSS
UMA kukhulunywa ngokwelamanisa eduzane, abakwaToyota South Africa Motors abanantanga ngemuva kokwethula i-SUV encane okuyiyo enguthunjana emndenini.
Akukapheli sikhathi esingakanani le nkampani iqale ukudayisa i-Land Cruiser Prado njengoba sekufike iStarlet Cross okuyiyo encane kuma-SUV ayo.
U"Cross“ lo akuyona into entsha ezimotweni zakwaToyota. Kumanje i-SUV yayo edayisa ubuthaphuthaphu yi-Corolla Cross ezalwa yi-Corolla. Phambilini kuke kwaba ne-Etios Cross eyayisuselwe kwi-Etios hatchback. Entsha isuselwe kwi-Starlet base beyiphakamisa bashintsha nokuthile.
Abanakayo bazokhumbula ukuthi iStarlet isuselwe kwiSuzuki Baleno yona ezale iSuzuki Fronx. Yingako ne-Starlet Cross ibukeka ifana ne-Fronx.
Ngokwentengo zisondelene kakhulu kwazise iFronx iqala ku-R297 900 kuthi iStarlet Cross yona iqale ku-R299 900.
IStarlet Cross ihlukene ngezinhlobo ezimbili – Xs ne-Xr. Zombili zihamba ngenjini efanayo engu-1.5 litre kaphethroli, eyi-4-cylinder engenayo i-turbo. Inamandla angu-77kW ne-torque engu-138Nm. Ukhetha phakathi kweno-gearbox oyi-5 speed manual noma i-4 speed auto.
Ngokwami oyi-5 speed manual yiwo oyenza ihambe kahle ngoba uzishintshela wena ngokuthanda kwakho, amandla uwezwa kahle emotweni. Nakuphethroli idla kancane. Sihamba ngayo yethulwa eGauteng kuleli sonto, ngithe ngiyajeqeza ngabona idla 5.4l/100km, ngaphansi kuka-5.4 oshiwo kubo kwayo.
Eyi-4 speed auto ngakolunye uhlangothi, ibikahle uma sizihambeka kancane edolobheni kodwa emgwaqeni ovulekile kumele ukulindele ukuthi uzozwa umsindo wenjini edumela phezulu. Phela ivele yehlise amagiya uma izama ukudonsa amandla. Uma uzodlula enye imoto nje, kumele uqale uzinike isikhashana inyuse isivinini. Enye into ebinyuka yindlela edla ngayo uphethroli ngoba ibiveza u-6.8l/100km. KwaToyota bathi idla 5.8l/100km.
Okunye okufanayo kuzona ezokuphepha njengoba kukhona iVehicle Stability Control (VSC), Hill Assist Control (HAC), ne-ABS ehambisana ne-Electronic Brakeforce Distribution (EBD).
I-XS ifika nama-airbag omshayeli nomgibeli bese kuthi kwiXr kwengezwe amanye nokwenza abe yisithupha esewonke.
Eziphinde zibe nakho kubalwa i-touchscreen infotainment system eveza ingaphandle ngamakhamera, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, kunezimbobo ezintathu zokushaja nge-USB, amawindi kagesi, Heads-Up Display, cruise control, Wi-Fi ehambisana neMyToyota app nokunye. Okunye kuya ngenhlobo yakho.
Ngaphandle ishaya ngama-LED headlamps nama-LED daytime running lights. Uma uyibuka ngohlangothi izishaya sa-coupe futhi kunamarimu angu-16 inch. Uyakubona nokuphakama nobukhulu bayo kwiStarlet njengoba igabade ilishiye ngo-170mm yase ithi ukuba nkudlwana futhi yaphakama.
Intengo:
•1.5 Xs Manual Transmission – R299 900
•1.5 Xs Automatic Transmission – R322 300
•1.5 XR Manual Transmission – R339 300
•1.5 XR Automatic Transmission – R359 300
Zonke zifika ne-service plan yamasevisi amane noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 00km.