IMOTO: HYUNDAI VENUE
AKUKAPHELI sikhathi esingakanani iHyundai Venue ithelekile eNingizimu Afrika, ngoba yethulwe okokuqala ngoDisemba ka-2019.
Kusuka lapho sekudayiswe amaVenue angaphezu kuka-17 162, lokhu kukhombisa ukuthi ingenye yezimoto ezithakaselwayo esigabeni sayo. Isembangweni nezimoto eziningi okubalwa iVW T-Cross, Kia Sonet, Suzuki Vitara Brezza, Ford EcoSport, Toyota Urban Cruiser, Chery Tiggo 4 Pro nezinye.
Abenkampani yakwaHyundai bathi ithandwa kakhulu ngabantu besifazane njengoba u-70% wabayithengile, kuyimbokodo. Lokhu bakubona kushintsha ngemuva kokwethulwa kohlobo oluthuthukisiwe.
Ethuthukisiwe ishintshile indlela ebukeka ngayo. Kuphinde kwengezwa nentsha iN Line, okuyiyo ehleli esicongweni somndeni wamaVenue. Lokhu kusho ukuthi ziyisithupha izinhlobo zale moto ezidayisayo.
Ngaphambili ibukeka sengathi isivulekile ngenxa yegrille enkulu njengakwamanye amaSUV akwabo. Inamadaytime running light ngaphambili.
Ngemuva amalambu nakhona ashintshile ngoba asenolayini owahlanganisayo, wena owabona iT-Cross.
Ezinhlangothini kuya ngenhlobo yakho kodwa kunenamakhava angu-15 inch emasondweni, angu-16 nenye enamarimu angu-16 inch. Uma uyibukela kude enamakhava ungazitshela ukuthi ngamarimu ngendlela abawakhe ngayo, kanti lutho.
Ngaphakathi isalingana nendala ngoba iwheelbase ingu-2 500mm njengasekuqaleni. Uyakwazi ukwandisa isikhala ebhuthini ngokulalisa izihlalo. KwiN Line izihlalo zizishaya sasikhumba futhi inesunroof.
Ngaphambili inescreeen se-infotainment esingu-8 inch esiveza nengemuva uma uhlehla. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto. Izimbobo zokushaja zikhona ngaphambili nangemuva.
IVenue inezinhlobo ezimbili zezinjini njengasekuqaleni. Kukhona engu-1.2 litre enamandla angu-61 kW netorque engu-115 Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual.
Enye ingu-1.0 litre eyithree cylinder turbo. Inamandla angu-88.3 kW netorque engu-172 Nm. Abashayeli bakhetha phakathi kwenogearbox oyi-6 speed manual okanye eyi-7 speed automatic.
Zombili izinjini bathi zidla amalitha kaphethroli angu-6.5 ngo-100km. Ihamba kahle futhi nasemabhampini ayizweli kangako nokuyinto enhle ngoba namathayi makhulu.
Ezokuphepha baziqinise ngokufaka ama-airbag ayisithupha, anti-lock braking system, Electronic Brake-force Distribution (EBD), neHill Start Assist.
Intengo:
Venue 1.2 Motion (manual) - R294 900
Venue 1.0 Motion (manual) - R354 900
Venue 1.0 Motion (DCT) - R394 900
Venue 1.0 Fluid (manual) - R 389 900
Venue 1.0 Fluid (DCT) - 429 900
Venue 1.0 N Line - R449 900
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, iwarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.