WUMKHUBA owaqala kudala ukuthi eNingizimu Afrika izimoto zethiwe amagama ayisidlaliso okungasiwona asemthethweni.
Uzokhumbula ukuthi iBMW 3 Series yethiwa igama elithi yiGusheshe, kukhona iHilux eyayibizwa nge-hips, iTony Yengeni kwakuyiMercedes-Benz ML nezinye.
Muva nje i-Isuzu D-Max isithole elayo igama lokuthi nguNogwaja. Liza ngemuva kokuvela kwama-video abe nesasasa enkundleni yokuxhumana iTikTok, lapho kubonakala iD-Max ishuthwa iqwala izintaba kukhona iphimbo elilokhu liyibongela liyibiza ngoNogwaja.
Lelo phimbo bekungelikaPhathizwe Khuzwayo (30) odabuka eMavundleni, eGamalakhe, ePort Shepstone.
UKhuzwayo uthe uNogwaja yigama alethe imoto yakhe ayithenge ngo-Okthoba nyakenye.
“Igama likaNogwaja laziqhamukela futhi lahlala. Empeleni yimina ebengithanda ukuzibiza ngoNogwaja okuyigama lobunsizwa likamkhulu wami ozala ubaba. Nemoto ngayibiza ngoNogwaja, ngathi uma sengiyibuka ngabona isifana nawo impela unogwaja,” kusho uKhuzwayo.
Uthe uthando lwamaveni angama-4x4 luqale esakhula eMavundleni ebona abalimi basezindaweni eziseduze behamba ngawo.
Kwakuthi ngezimpelasonto baqwale izintaba ngawo, baphinde bagibele nezithuthuthu.
“Yilapho esaqala khona nathi sakha izimoto zocingo ezingamaveni. Sasibuzana ukuthi eyakho idonsa ngemuva noma ngaphambili. Yilapho engangazi khona ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyoyigibela.”
UKhuzwayo osezinze eGauteng njengoba enenkampani ethutha izimoto nesiza abantu abafelwe yizimoto emgwaqeni (i-tow truck) uthe uthenge imoto yakhe yokuqala ngo-2015. Kwaba yimoto encane ngoba amandla okufeza iphupho ngeveni wayengenawo.
“Ngayigibela unyaka kwase kuvela ithuba leveni i-4x4 okwaba yiMazda BT50 ngo-2016. Ngilandele ngeToyota Hilux i-2.8 litre GD-6 eyi-4x4. Isekhona namanje futhi i-number plate yayo ngiyibhale ukuthi slwane. Lelo yigama engathi uma ngifika eGoli banginika lona abantu bethi Slwane. Ngangixakeka ukuthi kwenzenjani lagcina selihleli kimi.”
Uthe yona ayivelelanga ebantwini ngoba wayengayishuthi ayifake ezinkundleni zokuxhumana njengoNogwaja.
“I-Isuzu D-Max V-Cross yona ngayithengiswa wukuthi ngayizwa komunye wabangani bami. Ngayibona ngayithanda kuyimoto enganakiwe. Inhloso yami yokuqala ngiyishutha kwaba wukukhombisa ukuthi i-Isuzu ikhona futhi ingcono kunogamakalibizwa. Ngiyiqhathanisa ngibheka ukuba ntofontofo kwayo, ukuhamba kangcono obhuqwini nasemandleni enawo. Bayishintshe ngendlela eyisimanga kunakuqala.”
Ama-video kaNogwaja kwiTiktok ayintandokazi njengoba kukhona esibukwe amahlandla angaphezu kuka-4 million, enye ngaphezu kuka-2.5 million futhi ewonke athole o-like abangaphezu kuka-4.5 million.
“Bengizenzela nje ngoba ngikujabulela kodwa manje ngiyabona uthando lukhulu. Lapho engibone khona ukuthi leli gama selihambile yingesikhathi ngifika emakhaya aseVenda ngezwa bememeza bethi ‘nogwaja’. Bengiyenza le nto ngingabheke nzuzo manje isinkulu kakhulu. Kwa-Isuzu South Africa bangithintile bangipha isipho baphinde bangifundisa nokushayela obhuqwini.
“Angizwa ngathi kunesikwelethu abangikweleta sona ngoba bengenza ngothando kodwa abantu abaseduze babona ukuthi kukhulu esengibenzele khona. Kodwa miningi iminyango esivulekile ngoba kunabangithintayo abafuna ngibamakethele. Kunenkampani i-Upward Spiral 1471, umnikazi wayo ongithintile wanginika indawo yokudlala eGoli. Iyindawo yama-4x4, kwakuyimayini endala. Yena lo mnikazi uphinde waxhasa umcimbi engizowenza wokudlalwa kwama-4x4 lapho ezobe encintisana khona ngezindlela ezahlukene.”
Umcimbi, i-4x4 Challenge Mzansi, uzoba ngoMashi 23 eBenoni eduze nenkundla yezimoto zomjaho iFormula K.
“Kuzoba nabafowethu beNnguni Off Road behamba noK Wabantu. Kunamaqembu aphuma eSwatini, Eastern Cape, Limpopo nakwezinye izindawo. Zizoba ngaphezu kuka-55 izimoto. Kuzoba noDJ okukhona kubo uKabza De Small nabanye. Amathikithi asekhona online ku-www.buymyticket.co.za”
Uthe kuyamjabulisa ukubona indlu emnyama ingenisa emdlalweni wama-4x4.