Aseya ngasemaphethelweni amalungiselelo okwethulwa kwenkampani entsha yezimoto yaseChina iJetour eNingizimu Afrika ngoSepthemba.
Sikhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesine emini isikhulu sakwa-Jetour South Africa, uJohnny Fang, sithe zonke izinhlelo zabo zihamba kahle.
“Siqale amalungiselelo ekuqaleni kuka-2024 futhi ngemuva kwezinyanga eziyisithupha sesiseduze ukuthi siqale. Uma konke kuhambe kahle sizovula ekuqaleni kukaSepthemba,” kusho uFang.
Le nkampani, esungulwe ngo-2018, ingaphansi kwe-Chery Holding Group. Ezinye izinkampani ezingaphansi kwayo iChery, Omoda ne-Jaecoo sezivele ziyadayisa kuleli.
Uthe yize bengakaqali nokudayisa izimoto kodwa sebenendawo ababeke kuyo amaphathi ezimoto zabo.
“Sitshale kakhulu esikhungweni samaphathi esiseMidrand ngisho singakadayisi nemoto eyodwa. IJetour ikholwa wukuthi okwenzeka ngemuva kokudayisa imoto yikhona okwenza inkampani iphumelele,” kusho yena.
Kuvele ukuthi kunamaphathi angaphezu kuka-82 000 agcinwe kulesi sikhungo esiseMidrand, eGauteng, futhi kulindwe amanye abiza u-R100 million ezayo.
Le nkampani ithe isemalungiselweni okuvula amagaraji angu-40 eNingizimu Afrika futhi ithe izobangisa zonke izinkampani ezidayisa ama-SUV.
Izimoto zokuqala ezozidayisa yiDashing ne-X70 Plus. Ngonyaka ozayo kuzolandela i-T1 ne-T2.
UFang uthe yize bengaphansi kweChery Group, zincane izinto abazisebenzisa ndawonye nezinkampani ezingaphansi kwayo njengenjini kodwa ishesi nokunye bazenzela ngokuzimela.
IDashing ine-wheelbase engu-2 720mm. Inenjini engu-1.5 turbo kaphethroli no-gearbox oyi-6 speed manual noyi-6 speed DCT. Amandla angu-115kW ne-torque engu-230Nm. Inama-LED headlights, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, iyabhreka uma izoshayisa, iyasho uma iphuma emzileni nokunye.
I-X70 Plus nakhona kunenjini efanayo. Ine-panoramic sunroof, izinqawe ezine ngemuva nokunye.
Imininingwane ephelele ngazo izolandela uma sezethulwa.