IMOTO: TOYOTA HILUX RAIDER
Ngesikhathi abanye belokhu beyibuze njalo ukuthi iToyota Hilux entsha ifika nini, le nkampani ayizibekile phansi ngokuthuthukisa ekhona.
Eyakamuva ukudayisa yiRaider kayigcinanga kuphela ngokushintsha indlela ebukeka ngayo kodwa nangaphansi kwenjini kukhona abakwenzile.
IRaider iyona nhlobo yamaHilux edayisa kakhulu ngo-48% ngoba bathi ithengwa ngabasemabhizinisini kanjalo nabayithengela izidingo zabo.
Angiqale ngikutshele ukuthi ngaphambili bayishintshile indlela ebukeka ngayo kubhamba, grille nasemalambini. Ezinhlangothini bayithinte amakhava ezibuko kuthi ngemuva bayithinta kancane kubhampa nasesibanjeni sokuvula isikhenke.
Abathanda ukwengeza izinto ngeke sisaba khona isidingo sokuthenga iHilux bese uya kwenye indawo uyobatshela bakufakele zona. Lapha ngibala izinto ezinjenge-roof rack, amatende okulala okhakhayini, ifriji, recovery board, solar panel nokunye. Phambilini ubuthola i-tow bar, styling bar, nudge bar, side steps netende.
Lokhu kungenziwa wukuthi le nkampani isinobudlelwano nezinye ezinjengeThule, Ironman 4x4, 4x4 Megaworld enzinye.
Lezi zinguquko azenziwanga kwiRaider eyi-Xdouble cab.
Ngaphakathi abashintshanga lutho olutheni ngaphandle kokuthi isidunyiswa ngebhathini futhi kunebhathini le-multi terrain select.
Ngale kwalokho ufica i-touchscreeen infotainment system oxhuma kuyo iselule nge-Apple CarPlay/Android Auto, izihlalo zesikhumba, indawo yokushaja nge-USB nokunye.
Umehluko omkhulu owenziwe kuyo usenjinini njengoba isisebenza ngokubambisana nebhethri engu-48V esebenzisa injini kagesi (mild-hybrid system). Lokhu ukuthola kwamanye nakwamanye amaHilux nakwamanye amaFortuner.
Ibhethri le bathi akuwona umsebenzi onzima kangako ukuyifaka ezinjinini ezikhona futhi izindleko zakhona kuphansi. Ihlala ngaphansi kwezihlalo zangemuva futhi isisindo salo singu-7.6kg.
Le njini kagesi isebenza nengu-2.8 GD-6 turbo-diesel enamandla angu-150kW ne-torque engu-500Nm no-gearbox oyi-6 speed automatic.
Bathi iyasiza ukwehlisa ukudla udizili ngokulinganiselwa ku-10%. Uma uqhathanisa, iRaider ejwayelekile bathi idla 8.0l/100km kodwa enenjini kagesi yona idla 7.4l/100km.
Iphinde isize ukwehlisa isisi esingcolisa umoya. Asikho isidingo sokuma ushaje ibhethri ngoba lowo msebenzi uyazenzakalela wona.
Le njini kagesi ayigcini kuphela ngokonga kudizili kodwa iphinde ithi chatha amandla ngo-12kW no-65Nm nokuyinto engiyizwile ngesikhathi siyivivinya emigwaqweni yakoBhamshela, sigudla eWartburg naseNottingham Road.
Bengivele ngiyifake kuSport lapha kwi-multi-terrain select bese ngizwa ukuthi amandla iwathumela ngokushesha, ikakhulukazi uma ngidlula amaloli nezinye izimoto ebeziphithizela.
Nokuduma kwayo bekuphansi uma uyiqhathanisa nengenayo le njini kagesi.
Okuhle wukuthi kwaToyota bathi noma ugnena emanzini angu-700mm ngeke ize iphazamiseke ibhethri.
Intengo:
Extra Cab:
Hilux Raider 2.8 GD-6 RB 6ATR - 587, 200
Hilux Raider 2.8 GD-6 4X4 6MT - R563, 200
Double Cab:
Hilux Raider 2.8 GD-6 4x4 6MT - R612, 100
Hilux Raider 2.8 GD-6 RB 6AT - R633, 200
Hilux Raider 2.8 GD-6 4x4 6MT - R684, 800
Hilux Raider 2.4 GD-6 4x4 6AT - R716, 300
Hilux Raider 2.8 GD-6 RB 6AT - R769, 900
Hilux Raider 2.8 GD-6 RB 6AT 48V - R785, 400
Hilux Raider 2.8 GD-6 4x4 6AT - R858, 600
Hilux Raider 2.8 GD-6 4x4 6AT 48V - R876, 600
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka eyisishiyagalolunye noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.