IMOTO: GWM TANK 500 neGWM P 500
MHLAWUMBE kuzoba kuhle ukuthi senze okwehlukile kulokhu sisheshe siyiveze intengo yeGWM Tank 500 okungu-R1 222 900.
Cishe yiyona moto yokuqala evela enkampanini yaseChina ebiza ngaphezu kwe-million lamarandi eNingizimu Afrika.
Iveni iGWM P500 yona ngakolunye uhlangothi ungasho ukuthi igcina kulo belu “i-metre” ngoba iqala ku-R799 999 ize iyoshaya ku-R999 900.
EzaseChina, zingenisile kuleli akusekho okuzithatha kancane okwakukhona phambilini. Phela zaziwa ngokufika nezinto eziningi nentengo ephansi uma ziqhathaniswa nezivela ezinkampanini ezidumile zakoGermany, nakoKorea.
Isikhulu sakwaGWM South Africa (Chief Operations Officer) uConrad Groenewald sithe yinto engeke igwemeke uma ubheka isimo somnotho nokwehla kwamandla emali kuleli.
Uthe uyazi ukuthi abantu bazocabanga ukuthi vele zonke izinkampani zaseChina, ziqala ngokubiza kancane kodwa ekugcineni zizoba nezimoto zentengo ephezulu.
I-GWM ayiphethe, ngaphansi kwayo kunezinkampani okuyiHaval, P Series bese kuba yiTank ne-Ora abazichaza njengokuthi ‘ngezimtakabani’ ngoba zithe thuthu kakhulu ngokwezinga.
UGroenewald uthe yize iHaval neP Series isazoqhubeka nokuphonsela inselelo ezinjengeToyota nezinye kodwa iTank ngokwezinga layo liyifanele intengo yayo.
ITank 500 abayilethile yelama iTank 300 efike ngoFebhuwari. ITank 500 le, yingqovungqovu elayisha abagibeli abayisikhombisa ehlose ukuzobangisa izimoto ongabala kuzo iFord Everest, Toyota Land Cruiser Prado, Jeep Grand Cherokee nezinye.
Ifika iqukethe izinto eziningi okuhlanganisa nobuchwepheshe. Ngaphandle iyabukeka ine-grille enkulu ecwebezelayo, inamalambu angamaLED namarimu angu-20 inch. Igabade ilishiye ngo-224mm kodwa ukungena kuyo bakwenze kwaba lula ngoba iphuma isitebhisi esiphinde sivaleke uma ihamba.
Ngaphakathi ivulekile njengoba ine-wheelbase engu-2 850mm kuhle lwePrado. Uma ulalise izihlalo zangemuva, okuyinto eyenziwa ngogesi, isikhala sempahla siba ngu-795 litre.
Zonke izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili ziyashisa ziphinde zibande zinjalo ziyakuwotawota. Ezaphakathi nendawo ziyakwazi ukuphola futhi welule isikhala semilenze uma abagibeli kwezokugcina ngemuva bengekho. Kunendawo yokuhlela amazinga okushisa kanjalo nokushaja.
Ngaphambili kwiTank 500 kunobhazabhaza we-touchscreen infotainment system ongu-14.6 inch. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay, udlala umsakazo ngezipikha ze- Infinity® 12-Speaker System iphide iveze nengaphandle njengoba inamakhamera umzimba wonke.
Inenjini engu-2 litre turbocharged kaphethroli ehlanganiswe nekagesi webhethri elizishajayo okukhipha amandla ahlanganisiwe angu-255kW ne-torque engu-648Nm. U-gearbox uyi-9 speed automatic. Yize inesisindo esingu-2 605kg kodwa mandla ayo bathi ayenza isuke ku-0 iye ku-100km ngemizuzwana engu-8.3 futhi ikwazi nokudonsa isisindo esingu-2 500kg. Emgwaqweni idonsa ngawo womane amasondo kodwa uyakwazi ukuyenza yonge idonse ngawangemuva kuphela uma uyifake ku-Eco mode (ama-drive modes esewonke angu-11). Kuphethroli bathi idla 8.5l/100km ethangini elingu-70 litres.
Emgwaqweni ngiyizwe intofontofo namagiya engena buthule. Namandla abezwakala enele. Obhuqwini nasogwadule inezinsiza zakhona okuyi-diff lock ngaphambili nangemuva ne-crawl control.
Kwezokuphepha kuthiwa yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe-ANCAP, ine-intelligent Adaptive Cruise Control, Rear Collision Warning, Cross Traffic Alert, Emergency Lane Keep Assist futhi iyazipaka.
Intengo:
TANK 500 2.0T 9HAT 4x4 Ultra Luxury - R 1 222 900
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km.
I-GWM P500 iyiveni eliyi-hybrid
I-GWM P Series yiveni yokuqala eNingizimu Afrika, ukuba yi-hybrid ngokugcwele njengoba ezinye izinkampani zithembise ukuletha awazo.
Injini iyafana nakwiTank 500.
Ingu-2 litre turbocharged kaphethroli ehlanganiswe nekagesi webhethri elizishajayo engu-325 volts okukhipha amandla ahlanganisiwe angu-255kW ne-torque engu-648Nm. U-gearbox uyi-9 speed automatic.
Inethangi likaphethroli elingu-78 litre futhi bathi idla 9.8l/100km.
Kukhona nenye entsha engu-2.4 litre turbo kadizili. Yona inamandla angu-135kW ne-torque engu-480Nm. Bathi idla amalitha kadizili angu-8.6 ngo-100km.
Amaveni angama-4x4 njengoba enane-diff lock ngemuva futhi bathi akwazi ukudonsa isisindo esingu-3 500kg.
Yethulwa eGeorge, kuleli sonto ngithole ithuba lokushayela eyi-hybrid engiyizwe ithanda ukuqinaqina emgwaqweni. Ibizwela futhi namandla engazwakali enomfutho njengakwiTank 500 yize elingana. Kuphethroli ibikhombisa ukuthi ungahamba ngaphezu kuka-800km ngethangi uma ligcwele mfi.
I-P500 yiveni enkulu njengoba ubude bungu-5400mm. I-wheelbase ingu-3 350mm okuyenza ibe nkulu kuneToyota Hilux neFord Ranger.
Ikhanyisa ngamalambu angamaLED, ama-roof rails, panoramic sunroof okuynto engekho kwamanye amaveni, amasondo anamarimu angu-18 inch futhi inesikhenke esikhulu esivuleka ngezindlela ezehlukile.
Ngaphakathi kuya ngenhlobo yakho kodwa i-touchscreen infotainment system igcina ku-14.6 inch ubukhulu. Ikuvezela kahle iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto, amakhamera angu-360 degrees akuvezela khona ingaphandle, udlala umsakazo ngezipikha ezikhala kamnandi, uyisetha khona nokunye.
Kukhona izihlalo zesikhumba ezifudumalayo ziphinde zikuwotawote, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, Head-Up Display, ambient lighting newindi langemuva elivuleka ngogesi.
Ngemuva inkulu futhi abagibeli bakhona ababakhohlwanga njengoba izihlalo zikwazi ukufudumala nokubanda, kunendawo yokushaja futhi ngaphandle kwentambo.
Kwezokuphepha ngaphandle kwamakhamera aveza umzimba wonke kodwa iyazibhrekela uma izoshayisa, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma umshayeli esekhathele, adaptive cruise control kanjalo nama-airbag ayisikhombisa.
Intengo:
•GWM P500 2.4T 9AT 4X4 Luxury - R799 900,
•GWM P500 2.4T 9AT 4X4 Super Luxury - R889 900
•GWM P500 2.0T HEV 9HAT 4X4 Ultra Luxury - R999 900.
Zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, warranty kapende yeminyaka emihlanu, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa, service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km kuthi kwiHEV kuphinde kwengezwe ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km.