IMOTO: FORD PUMA
Okuyizona zimoto zabagibeli (pasanger cars) ebese zisele emagaraji akwaFord eNingizimu Afrika yiMustang neSport Utility Vehicle (SUV) enkulu, i-Everest.
I-Everest isale yodwa njengeSUV ngemuva kokuhoxiswa kwe-EcoSport ebese iphelelwe yisikhathi. KwaFord banqume ukuyeka ukuyikhiqiza emafemini ayo e-India naseRomania kwabe sekuwukuphela kwayo.
Nokho ukuthandwa kwamaSUV amancane kwenze balanda iPuma eqale ukudayisa emazweni ase-Europe kusuka ngo-2019.
Le nkampani ithi iPuma ayivali isikhala se-EcoSport ngoba yehluke kakhulu kwazise yona isuselwe kwiFiesta kodwa yase iba nkudlwana. Uma ubungazi, njenge-EcoSport, iFiesta ayisakhiwa.
IPuma isembangweni wabathengi nezimoto ongabala kuzo iVW T-Roc, Hyundai Kona, VW Taigo, Opel Mokka ukukha phezulu.
Ihluke ngezinhlobo ezimbili okuyiTitanium noST-Line Vignale.
Ibukeka kahle ngaphandle njengoba iTitanium inamarimu angu-17 inch, amalambu angaphambili anamadaytime running lights angamaLED, amafog lamps bese kuba nezibuko ezigoqekayo emaceleni. Ngibone ngathi ilambu le-indicator ngemuva lincane nokungenza abakulandela ngemuva bangaliboni kahle.
KwiST-Line Vignale khona ufica amalabu angamaLED, amarimu angu-18 inch futhi uma uvula isicabha ikhanyisa ngomdwebo wePuma.
Ngaphakathi inakho ukuzwakala ngathi incane ikakhulukazi uma umude ufuna ukuhlala ukhululeke ngemuva. Isikhala ebhuthini sikhulu kahle kodwa singu-456 litres.
Okuhle wukuthi kuningi ezifika nakho ngaphakathi. KwiTitanium kukhona itouchscreen infotainment system engathi incane njengoba ingu-8-inch. Inenkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Kunezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB kanjalo neyokushaja ngaphandle kwentambo.
IST-Line Vignale inezihlalo ezinesikhumba futhi ezangaphambili ziyakuwotawota. Azihlelwa kodwa ngogesi nokuyinto ebengiyilindele. Iphinde ibe nedigital instrument cluster nezipikha ezithe thuthu zeB&O.
Kwezokuphepha iyakutshela uma uzoshayisa iphinde ikutshele uma usuphuma emzileni.
Uma uthanda ungengeza amasensor asiza uma upaka, adaptive cruise control nokuthi ikutshele uma kunemoto eseceleni. KwiST-Line ungafaka nepanoramic sunroof eyenza ibukeke kahle.
Emgwaqeni zombili zinenjini efanayo engu-1.0 litre EcoBoost enamandla angu-92kW netorque engu-170Nm. Ugearbox uyi-7 speed DCT Auto.
Ngesikhathi siyivivinya emigwaqeni yaseKapa kuleli sonto ibizwakala ihamba kahle. IST-Line Vignale ngiyizwe ithanda ukuzwela kancane emigwaqeni engemihle nokwenziwa wukuthi amarimu makhudlwana futhi nesuspension ithe ukuhluka kancane. Emigwaqeni iyabambelela futhi nasemakhoneni uke uthi ukukhohlwa kancane ukuthi uhamba ngeSUV eshiye igabade ngo-164mm.
Kukhona namadrive modes ahlukene okunguNormal, Eco, Slippery, Sport noTrail.
Yize ifike ngemuva kweminyaka kuleli njengoba phesheya sekukhulunywa indaba yethuthukisiwe kodwa izinga layo liphezulu.
Intengo yayo ephezulu iyakhalisa ikakhulukazi ngoba i-EcoSport yona ibibiza ngaphansi kwayo. Okunye wukuthi yiyona moto okumele idobe abathengi ibafake kwaFord njengoba ibiza ngaphansi kunezinye ezidayiswa yile nkampani. Uma kodwa uyiqhathanisa nezimbangi zayo uyabona ukuthi intengo ilapho nazo ezikubizayo.
Intengo:
- Puma Titanium R569 900
- Puma ST-Line Vignale R613 900
Ifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistance yeminyaka emine nedistance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.