IMOTO: FORD RANGER WILDTRAK X
UMA ubunothando leFord Ranger Raptor kodwa uxakwe yintengo nokuthi isebenzisa uphethroli kuphela, usungaphephela kwiFord Ranger Wildtrak X, enobuchwepheshe be-Raptor.
Lezi zindaba zivezwe abakwaFord ngesikhathi kwethulwa iWildtrak X entsha. Iyimoto enamandla nelungele ukuhamba ezintabeni. Ikwazi ukudonsa umthwalo kalula kanti iphinde isebenzise udizili. Iyimoto okumnandi ukuhamba ngayo futhi ihloniphekile.
Ikwazi ukuhamba kalula emgwaqweni olubhuqu. Engingakuthandanga ngayo ukuthi uma ukhuphula ijubane layo uma uhamba obhuqwini ayibambeleli ngokwanele. Lokho ukuzwa uma ujika ekhoneni elicijile njengoba ivele iphaphalaze. Ngaphandle kwalokho iyimoto emelanayo nobunzima bomgwaqo njengoba ine-Diff Lock.
Bayifake ne-Trail Turn Assist eyenza ukuthi ibhreke esondweni langemuva bese ijikela eduze uma ihamba ngesivinini esingaphansi kuka-19km/h futhi i-diff lock ingavuliwe.
Kufakwe ne-trail control ebolekwe kwi-Raptor ongayifanisa njenge-cruise control yasobhuqwini ngoba iyazihambela iphinde ibhreke uma kunesidingo.
Inenjini engu-2.0-litre Bi-Turbo kadizili. Ayikho engu-V6 (184kW) njengakwiWildtrak ejwayelekile. Idedela amandla angu-154 kW ne-torque engu-500 Nm. Bayenze njengakwi-Raptor ngokuyifaka u-4A oyenza ifake amandla emasondweni ngokuhlukana. Kuphinde kube khona u-2H, 4H no-4L. Ino-gearbox oyi-10-speed automatic.
Ngobude idlule kancane iWildtrak ejwayelekile ngo-30 mm yaphinde yaphakama ngo-26 mm. Iphuma namasondo angu-17-inch alloys angu-265/70 namathayi eGeneral Grabber AT3. Asikho isidingo sokuthi ungaze ufake amanye amathayi kuyona ngoba ephuma nawo ayifanele futhi ayenza ibukeke kahle.
Emaceleni igqize ngamaSide Steps ukuthi ukwazi ukugibela kalula kuyona njengoba iphakeme iphinde igqanyiswe wumbala ophuzi kwi-grille yayo ngaphambili yabe isiqoshwa uWildtrak X.
Uma uthanda ufaka i-roof rack okwazi ukuyihambisa ukuthi ime kuphi esikhenkeni. Isiza uma ulayishe izinto ezinde njengesibhisi ukuthi singathatha indawo esikhenkeni kepha sibe phezulu.
Ngaphakathi ine-12 inch touchscreen infotainment system, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nokunye okuningi.
Ngokwentengo ingaphansi kweWildtrak enenjini kadizili eyiV6 ebiza uR1 026 400 ne-Raptor ebiza uR1 184 100.
Intengo:
Ford Ranger Wildtrak X 2.0L BiT 4×4 - R1 013 000.
Iphuma ne-warranty yeminyaka emine noma amakhilomitha angu-120 000km, roadside assistance yeminyaka emine ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu. I-maintenance plan uyithenga uma uthanda.