Zehle njengoju kwabasemdlalweni wokushaywa kwezidudla ngezimoto izindaba zokuthi uNgqongqoshe omusha wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uGayton McKenzie, ufuna ukuwenza ube semthethweni.
UMcKenzie ubonakaka kwi-video ethi ukushaya izimoto nokuzehlisa zikhase phansi, okubizwa nge-stance, akulona icala.
"Ngiyathembisa ukuthi ukushaya izidudla kuzoba wumdlalo osemthethweni. Ngizosifeza leso sithembiso. Ngizokwenza ukushaywa kwezidudla kube ngenye yemidlalo emikhulu kuleli lizwe. Sizoqeda ubugebengu obuhlangene namaqoqo ngezemidlalo," kusho uMcKenzie.
Omunye wabakulo mdlalo nosezakhele udumo enqoba amahlandla umncintiswano, iRed Bull Shay'iMoto, uSamkeliso "Sam Sam" Thubane, uthe bayibonile i-video kangqongqoshe futhi iyabajabulisa.
"Sikubheke ngabomvu ukuthi lokho kwenzeke ngoba kuzoba yigxathu elibalulekile endimeni yethu. Kade sakufisa ukuthi kwenzeke lokhu," kusho uSam Sam odabuka eMpumalanga.
Uthe inkinga enkulu ukuthi ezindaweni eziningi abayitholi indawo yokudlala ngoba kukhona abawubuka kabi umdlalo wabo.
"Ngike ngaya e-East London kwaba yinkinga ukuthola indawo yokudlala ngoba umasipala ungaweseki umdlalo. Abantu bagcina beyodlala emgwaqeni nokungaphephile, kungcono ukuba sendaweni ephephile. Uma umdlalo ususemthethweni nokuthola indawo yokudlala kuzoba lula. Siyathemba ukuthi uma leli qhinga likangqongqoshe lisebenza okuningi kuzoba lula," kusho uSam Sam.