IMOTO: SUZUKI GRAND VITARA
NgokoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika umuntu omusha ngoneminyaka ephakathi kuka-14 no-35.
Uma ususeminyakeni engu-35 usuthathwa njengomuntu omdala. Kulindeleke ukuthi umuntu omdala kube ngumuntu osefunde lukhulu empilweni futhi asebenzise akufundile ukuzithuthukisa.
ISuzuki Grand Vitara isingena kuleso sigaba sobudala ngentsha njengoba isineminyaka engu-35 ikhona. Njengoba sekudayiswe angaphezu kuka-3.85 million emhlabeni jikelele, kwaSuzuki bafunde okuningi kule minyaka edlule okuyizinto abazisebenzisile ukwakha entsha.
IGrand Vitara yakhiwa ngokubambisana neToyota njengoba lezi zinkampani zisebenzisana. Ngesonto elizayo kwaToyota bethula i-Urban Cruiser entsha eyakhiwa naleGrand Vitara efemini yakwaToyota e-India. Isolezwe lizokubikela konke ngayo.
Emakethe zizobe zibanga abathengi kanti iGrand Vitara iphinde ibheke iKia Seltos neHyundai Creta njengezimbangi.
Ishaya nge-grille enkulu amaLED daytime running lights angaphezulu kwama-headlights azikhanyisayo uma kumnyama.
Ngemuva amalambu amesha nawangaphambili futhi ahlangene agudla ngebhuthi. Zonke izinhlobo zinamasondo angu-17 inch nama-roof rails bese kuthi iGLX ibe namarimu angusayizi ofanayo. Igabade zilishiye ngo-210mm.
Imibala ihlukene kasikhombisa bese kuba nezinombala ohlukile nokhakhayi olumnyama
Ngaphakathi isikhala sabagibeli sandile uma uyiqhathanisa neVitara endala ngenxa yokunyuka kwe-wheelbase isuka ku-2 500mm yaba ngu-2 600mm. Yize kunjalo ibhuthi kodwa isincane njengoba ingu-310 litres kwendala kade ingu-328 litres. Uyakwazi kodwa ukulalisa izihlalo.
Zonke zidunyiswa ngebhathini, amawindi kagesi, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo uma uthanda, automatic climate control, cruise control nesiteringi sesikhumba esinamabhathini okulawula umsakazo.
Zine-touchscreen infotainment system engu-7 inch eveza nengemuva uma uhlehla bese kuthi kwiGLX ibe ngu-9 inch. KwiGLX amakhamera aliveza lonke ingaphandle. I-GLX kwengezwe neHead-Up Display, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nezinye nge-USB ngemuva ne-panoramic sunroof.
Zonke zine-electronic stability control (ESP), ABS ne-Emergency Brake Assist (EBA), neHill Hold Assist (HHA).
Izinjini zihlukene kabili. Eyokuqala yi-1.5 litre kaphethroli esebenza ezimotweni eziningi zakwaSuzuki. Inamandla angu-771kW ne-torque engu-138Nm. Ino-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo kanjalo noyi-4 speed ozishintshayo. Kuphethroli bathi idla 6.0l/100km.
Eyesibili ntsha ngeyi-1.5 litre kaphethroli kodwa esebenza nebhethri ukuyenza i-hybrid. Ibhethri leli bathi lisiza ukonga uphethroli nokuthi injini ikhafule amandla. Inamandla angu-75.8kW ne-torque engu-136.8Nm
Kuphethroli iyonga njengoba bethi idla amalitha angu-5.6l/100km.
Uyithola kuphela no-gearbox ozishintshayo oyi-6 speed nama-pedal shifters futhi ine-AllGrip all-wheel-drive system.
Yiyona engiyishayele yethulwa kuleli sonto eGeorge. Uma uzihambela kahle ayinankinga futhi ishintsha kahle. Inkinga iqala uma ufuna ukunyusa isivinini mhlawumbe udlula enye imoto yilapho edumela phezulu khona futhi namandla enyuke kancane. Kungenza abanye bayikhumbule i-1.4 turbo Boosterjet engine ekwiVitara.
Ngale kwalokho ihamba kahle ayinamsindo ngaphakathi futhi namabhampu emgwaqweni awuwezwa kabuhlungu.
Intengo:
1.5 GL 5MT - R339 900
1.5 GL 4AT - R359 900
1.5 GLX 5MT - R397 900
1.5 GLX 4AT - R417 900
1.5 GLX 6AT Hybrid AllGrip - R529900
Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.