IMOTO: TOYOTA FORTUNER
KUSUKA yaqala ukudayisa ngo-2006, eNingizimu Afrika, isheshe yaphenduka intandokazi iToyota Fortuner.
Le moto ithengwa ubuthaphuthaphu uma uyiqhathanisa nezimoto encintisana nazo.
Ukuthandwa kwayo akuzuzisi nje iToyota South Africa Motors kuphela kodwa iyathuthuka neNingizimu Afrika, ngoba yakhiwa efemini eseProspecton, eThekwini.
IFortuner ekhona manje iqale ukudayisa ngo-2016 kodwa kwaToyota bayithuthukisile ekuqaleni konyaka, okuyenza ibukeke iyimoto entsha.
Incintisana ne-Isuzu mu-X, okusanda kwandiswa izinhlobo zayo neMitsubishi Pajero Sport. Kunzima ukungayibali iFord Everest yize kwaFord bethi imbangi yayi sekuyiToyota Prado.
Esihamba ngayo isesicongweni sezinhlobo zayo ngoba ifika iphelele ngakho konke.
Ngaphandle yinhle ngoba bayithinte ngaphambili, bayishintsha amarimu angu-18 inch nangemuva bathi ukuyithintathinta.
Amalambu angamaLED futhi ama-indicator akhanyisa sakudweba ngaphambili. Ngiqaphelile ebusuku ukuthi bekungaba kuhle ukube amalambu ayazidimisa wona uma kunenye imoto eqhamukayo ngoba lokho kusamele uzenzele wena mshayeli.
Ingaphakathi layo lihle, izihlalo ziyisikhumba futhi zilayisha abagibeli abayisikhombisa. Kulula nokugoqa ezaphakathi ukuze kungene abangemuva. Nezangemuva ekugcineni ngokunjalo kulula ukuzigoqa nokuzivula. Inkinga wukuthi azilali mba phani, uma uzigoqile kunalokho zivaleka ezinhlangothini nokunciphisa isikhala.
Ngaphambili kunescreen se-infotainment system. Yize amabhathini enza kube lula kodwa uma ubuka iyabonakala ukuthi indala ngoba i-Everest inetouchscreen enkulu nengcosana yamabhathini. Kule screen uxhuma iselula nge-Apple carplay/Android Auto, udlala umculo ezipikheni ezikhala kamnandi zeJBL uphinde ubone nengemuva uma uhlehla.
Bebengayifaka enye imbobo yokushaja ngaphambili njengoba benzile ngemuva befaka ezimbili.
Okuhle ngayo ngezokuphepha ezikusiza uhlale emzileni, iyakwazisa uma kunemoto eseceleni, uma uhlehla iyakwazisa uma kunemoto eqhamukayo, ine-adaptive cruise control nokunye.
Uma uyidumisa izwakala idumela phansi kunaphambilini. Injini kuseyiyo engu-2.8 litre turbo diesel. Inamandla angu-150kW netorque engu-500Nm. Ugearbox ushintsha kahle uyi-6 speed auto. Igiya ulifaka inganyakazi njengasekuqaleni.
Emgwaqeni intofontofo yize ungeyifanise ne-Everest kodwa ihamba kahle impela. Ithangi likadizili lingu-80 wamalitha kanti ngiligcwalise ngemali engaphezu kancane kuka-R1 500. Lapho ngihambe amakhilomitha angu-625 ngetha futhi kusasele ngihambe angu-111km.
Ngaleso sikhathi ibidla amalitha angu-9.7 ngo-100km nokuyinto engasondele nakancane ku-7.9 oshiwo kubo kwayo.
Kulula ukuqonda ukuthi kungani imindeni nabantu jikelele beyikhonzile iFortuner ngoba ivulekile, iyabukeka futhi ihamba kahle nasemgwaqeni.
Intengo:
2.8 GD-6 4x4 VX - R942,900
Zonke zifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km neservice plan yokuyisevia kasishiyagalolunye noma ebangeni lika-90 000km.