IFORD Ranger iketule iToyota Hilux ngokuthengwa kwakhulu eNingizimu Afrika ngo-Ephreli.
Kulezi zinyanga ezedlule iHilux ibilokhu isesicongweni ngokudayisa njengoba kuphenduke amatafula ngenyanga ezedlule, ngokwezibalo ezikhishwe yiWesBank.
Kuthengwe amaRanger angu-2 201 kwathi amaHilux aba ngu-2 187. I-VW Polo Vivo ibe yiyona moto encane edayise kakhulu njengoba kuhambe angu-1 510. Ilandelwa yiToyota Corolla Cross okuthengwe angu-1 281.
NgoMashi kudayiswe amaHilux angu-3 920. Endaweni yesibili kube yi-Isuzu D-Max (2 289) kuthi endaweni yesithathu kwaba yiRanger (2 247).
Ngokwezibalo ezishicelelwe yiNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), zibe ngu-37 107 izimoto ezidayisweeNingizimu Afrika ngo-Ephreli. Lesi yisibalo esehle ngo-88 noma u-0.2% uma kuqhathaniswa nezingu-37 195 ezadayisa ngo-Ephreli wonyaka odlule.
Yisibalo esehle ngo-13 007 kwezidayise ngoMashi nonyaka.
INaamsa ithe selokhu kuqale unyaka kuze kube wuMashi, zingu-175 768 izimoto ezidayisile nokusho ukunyuka ngo-2 291 noma u-1.3% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye.
Ithe isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle kwezwe sinyukile. Zibe ngu-37 107 nokungukunuka ngo-3 639 noma u-13.4% uma kuqhathaniswa no-27 117 owahamba ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.
Izimoto ezidayise kakhulu kuleli ngoMashi yilezi:
Toyota – 9 423
Volkswagen Group SA – 4 644
Suzuki Auto – 3 620
Ford Motor Company – 2 804
Hyundai Automotive South Africa – 2 371
Nissan – 1 681
Kia South Africa – 1 546
Isuzu Motors South Africa – 1 433
Haval Motors South Africa – 1 367
Renault – 1 367
Chery Auto South Africa – 1 179
BMW Group – 966
Mahindra – 809
Mercedes-Benz SA - 556