ABAKWAHONDA bethule izinhlobo ezimbili zezimoto kuphela okuyiComfort, ephansi bese kuba yi-Elegance okuyiyo esesicongweni somndeni.
KwaHonda eNingizimu Afrika bangene embangweni wabathengi bamaSport Utility Vehicle (SUV), amancane ngeyabo entsha i-Elevate.
I-Elevate, njengamaSUV amancane amaningi adayisa kuleli, ikhiqizwa e-India. Isembangweni neHyundai Creta, Toyota Urban Cruiser, Kia Seltos, Suzuki Grand Vitara nezinye.
KwaHonda balethe izinhlobo ezimbili kuphela okuyiComfort ephansi bese kuba yi-Elegance okuyiyo esesicongweni somndeni. Yiyo futhi ebesihamba ngayo.
Okokuqala okungithathile wukubukeka kwayo ngaphandle. Iyashesha ukujwayeleka esweni. Ikhala langahambili liqondile bese lisho nge-grille enkulu. Ngiyakuthanda nokuthi amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva futhi ayazikhanyisa uma sekumnyama. Nama-fog ezansi nawo angamaLED.
Amasondo enyathela ngawo anamarimu angu-16 inch futh enye yezinto eziyenza yehluke kwiComfort ngoba yona inamakhava angu-16 inch.
Ngaphakathi inesikhala esikhulu. Lokhu kungenxa yokuthi ubude bayo bungu-4 312mm kuthi ububanzi bube ngu-1 790mm.
Abahleli (ezihlalweni zesikhumba) ngemuva abakhali ngokumpintsheka kwamadolo kanjalo nempahla inesikhala njengoba ubukhulu bebhuthi buwu-485 wamalitha.
Engingakuthandi kodwa wukuthi uma uyithinta ngaphambili inakho ukuzwakala sengathi yakhiwe ngoplastiki.
Ngiyakuthanda ukuthi kunezindawo zokushaja nge-USB nangaphandle yize zingekho ngemuva. Kunezindawo zokubeka izinto nasezicabheni. Iphinde ibe ne-screen se-infotainment soxhuma iselula nge-Apple CarPlay.Android Auto kuvele nengemuva uma uhlehla ngoba kunekhamera elekelela ama-sensor.
I-Elevate ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-89kW ne-torque engu-145Nm. U-gearbox uwumshini ozishintshayo iCVT. Ihamba kahle emgwaqweni ayizweli kakhulu yize ngizwe inomsinjwana womoya. Amagiya angena kalula inkinga iqala uma unyathela ngamandla ngoba ivele idumele phezulu nokuyinto eyenzeka kule nhlobo ka-gearbox isikhathi esiningi.
KwaHonda bathi idla 6.1l/100km kuphethroli kodwa kimi iveze ukuthi idla-7.8l/100km futhi isikhathi esingi bengisichitha edolobheni.
I-Elevate iyimoto ehehayo njengoba ivuleke kahle ngaphakathi futhi inezinto eziningi ongazilindela ezimotweni zakamuva.
Intengo:
Elevate 1.5 Elegance CVT R 430 800
Ifika ne-service plan yamasevisi amane noma u-60 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne-roadside assistance yakwa-AA yeminyaka emithathu.