IVOLKSWAGEN Group South Africa (VW) ifuna ukukhiqiza enye imoto entsha efemini yayo eseKariega, eGqeberha, e-Eastern Cape.
Njengamanje le femu ikhiqiza iPolo Vivo, Polo nePolo GTI ezidayisa kuleli nakwamanye amazwe.
Isikhulu esisha sakwaVW esiqale kule nyanga esikhundleni, uMartina Biene, sithe iPolo nePolo Vivo zizoqhubeka nokwakhiwa ngisho sekukhona imoto entsha.
“Imoto entsha isesigabeni se-A0 futhi sibheke ukuyakhela abantu base-Afrika. Imoto esifuna ukuyakha ayakhiwa ndawo okwamanje futhi izoba yiSUV,” kusho uMartina.
Uthe bazokwazi maduze ukuthi bazoyakha yini.
Esigabeni se-A0 SUV njengamanje iVW kuleli idayisa iT-Cross, Taigo neT-Roc.
UMartina, oke waba yiHead of Brand kwaVW kuleli ngaphambi kokubuyela eGermany ngo-2020, ungowesifazane wokuqala ukuphatha le nkampani eNingizimu Afrika. Uthatha izintambo kuRobert Cisek osebuyela eGermany. URobert wafika ngo-2020 ezovala isikhala sikaThomas Schäfer oseyisikhulu esiphezulu sakwaVolkswagen Passenger Cars emhlabeni jikelele.
UThomas uthe ufuna ukwenza iVW ithandeke futhi emhlabeni jikelele futhi eyaziwa ngezimoto ezisezingeni.
Uthe izinkinga zokushoda kwamaphathi nobunzima bokuthutha impahla kwenza kube nzima ukuthi izimoto zifike emakhasimendeni ngesikhathi.
“Akubonakali sengathi kuzophela nya ngonyaka ozayo.”