IMOTO: OPEL CORSA
I-Opel Corsa ingenye yezimoto ezincane ezineminyaka zikhona kodwa muva nje ayisenasasasa njengasekuqaleni.
Kunalokho kugiya izimbangi zayo ezifana neVW Polo, Kia Rio, Hyundai i20, Renault Clio nezinye kodwa yona iyakhohlakala yize isezingeni.
Izinga layo lifakazelwa wukuthi eGermany, lapho i-Opel yasungulwa khona, kuthiwa ibalwa nezinye izimoto ezincane ezidayisa kahle khona nase-United Kingdom.
Kwa-Opel kuleli basanda kuletha ethuthukisiwe ngethemba lokuthi kuzofana nakwamanye amazwe iphinde ibe nesasasa futhi.
Ngaphandle bayenze yabukeka kahle futhi iyaheha.
Izinguquko zihlanganisa ingaphambili kwi-grille engathi ivalekile phakathi kwamalaphu angama-LED, njengasezimotweni zakwabo. Yilapho kufakwe khona izinsiza zomshayeli nezokuphepha.
I-GS Line esihamba ngayo inombala omnyama okhakhayini nokuyinto engagqami uma ivele imnyama emzimbeni. Enye yezinto abathengi bamaPolo abazithandayo yi-sunroof nokuyinto engekho kwiCorsa.
I-GS Line iphinde ibe namarimu angu-17-inch ahlukile kunawezinye izinhlobo okuyiLite ne-Edition.
Ngaphakathi ibukeka kahle njengoba sebeyifake ne-10-inch infotainment touchscreen enkulu engu-10 inch. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, hhayi ngaphandle kwentambo njengakwezinye ezincintisana nayo, futhi uphinde ubone nengemuva uma uhlehla. Ebusuku ayigqami kahle nokho ikhamera kodwa ngiyakuthanda ukuthi kukhona ama-sensor ngaphambili nangemuva.
Izihlalo nazo zibukeka kahle futhi zihlalisa kahle yize ngemuva ingavulekile kakhulu. Bayongixolela kwa-Opel uma kuyimi oshawe yizinto kodwa ngihluleke ngancama ukuthola ukuthi zifudunyezwaphi njengoba kuthiwa ziyakwazi ukushisa nje.
Ibhuthi nayo ayiyinkulu kakhulu njengoba ingu-309 litres nokuyinto encane kuzimbangi ezifana neClio eshaya ngo-361 litres.
Buningi ubuchwepheshe nezinsiza ababufake kuyo njengokuthi ikusize ukuhlala emzileni, cruise control, ayihlehli uma isuka emqanseni, iyasho uma izoshayisa, iyasho uma umshayeli esezela nokunye.
Injini ehamba ngayo ingu-1.2 litre turbo kaphethroli kodwa amandla athe xaxa ngo-22kW kunezinye izinhlobo njengoba engu-96kW. La mandla angaphezulu cishe kunazo zonke izimbangi futhi ne-torque ingu-230Nm.
U-gearbox wayo oyi-6 speed auto ungenye yezinto ezenza kube mnandi ukuhamba ngayo emgwaqweni kanjalo nokuduma kwayo okusakundonda kwale njini engu-3 cylinder. Amandla inawo futhi ayizweli nakakhulu emabhampini.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-6.6 ngo-100km.
ICorsa yinhle iqedile futhi inakho konke okudingayo nokungaphezulu kodwa isishoda ngedumela layo lakuqala okubukeka selahamba nePolo nengingazi ukuthi lingabuyiswa kanjani.
Intengo:
Corsa GS Line 1.2T 96kW 6AT – R459 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km.