I-FORD Motor Company of Southern Africa ijabulela ukuqeda iminyaka engu-100 yaqala ukusebenzela eNingizimu Afrika.
Le nkampani iqale ukusebenza kuleli ngo-1923 ngemuva kweminyaka yasungulwa njengoba unjiniyela uHenry Ford ayisungula ngo-1903.
Ngenxa yokuba yintandokazi kweModel T, le nkampani ivule amafemu ngaphandle kwase-United States yasungula iFord of Canada eyayiphakela ngezimoto amazwe okubalwa kuwo iNingizimu Afrika.
Ibe yintandokazi kuleli kwase kuthathwa isinqumo sokuthi akuvulwe ifemu eGqeberha ngo-1923. Lokhu kwenza iFord yaba yinkampani yokuqala eNingizimu Afrika ukuba nefemu yezimoto.
Ukuhlanganisa izimoto kuqala ngoJanuwari 19 ngo-1924 kwakhiwa izimoto ezingu-10 ngosuku. Kuphele izinyanga ezingu-12 kwakhiwe ezingu-1 446.
Le nkampani indlondlobale kwathi ngo-1930 yathuthela efemini entsha kuHarrower Road eyabiza uR1 110 503 ngaleso sikhathi.
Ngo-1935 ibe yingxenye yabasunguli benhlangano yabakhiqizi bezimoto kuleli iNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa esibizwa nge-naamsa.
Ngo-1947 umsebenzi uphinde wanda kwakhiwa ifemu entsha iNeave Industrial Townshipp evulwe ngo-1948. Yilapho kwakhiwe khona izimoto okubalwa kuzo iGranada, Escort, Prefet, Fairlane, Zephyr nezinye.
Ngo-1963 itshale uR8 million wefemu yezinjini iStruandale Engine Plant evulwe ngo-1964.
Ngo-1985 kusungulwe iSouth African Motor Corporation (Samcor) esingathe ukusebenza kweFord. Lokhu kuholele ekutheni ithuthe eGqeberha iye efemini yeSamcor eSilverton, ePitoli. Ifemu yezinjini yasala lapho esekhona nanamuhla.
Ngo-1997 kuqale ukwakhiwa kweFord Fiesta eSilverton Assembly Plant eyagcina idle isicoco seSouth African Car of the Year.
Ngo-2000 iFord ibe ngabanikazi ngokugcwele beSamcor nokuholele ekutheni kuqalwe iFord Motor Company of Southern Africa (FMCSA). Ngalowo nyaka kwethulwe iRanger yokuqala. Ifemu igcine isigxila kuyo yodwa.
Le nkampani iqhubekile nokutshala izigidi kuleli ikhiqiza nomthamo wezimoto ezakhayo waba ngu-200 000. Lokhu kudale amathuba omsebenzi angu-1 200 efemini nokwenze baba ngu-5 500 kule nkampani kuleli.
Ithi iRanger iyaqhubeka nokuba yinyama ngendlela engaphezu kwabakwazi ukuwakhiqiza. Angaphezu kuka-100 amazwe ayithola kuleli futhi ifemu yakhelwe ukukhiqiza angu-720 ngosuku.
Ngo-Agasti 8 nonyaka bajabulele ukukhiqiza angu-736 ngamahora angu-24 nokuyinto eyakhuphuka ngemuva kwezinsuku ezintathu yenza ezingu-737.
I-Ford Ranger isanda kuqokwa njenge-2023 South African Car of the Year.