IMOTO: BMW M2
Ukulala isithathu kweBMW M2 emncintiswaneni i-2024 South African Car of the Year kumele kusheshe kusidwebe sicace isithombe sezinga elikuyo.
Empeleni emunxeni we-Performance yazishaya zonke izimbangi ezazinayo, okubalwa kuzo iHonda Civic Type R yakhala yemuka nomklomelo.
IBaby M, njengoba abanye bebuye beyiteketise kanjalo iM2, izokwenza ukhophozele uma uwumuntu onamahloni. Phela iyawadonsa amehlo ikakhulukazi uma uzoyithola ngombala ogqamile njengalo oluhlaza okwesibhakabhaka abawubiza ngo-Zandvoort Blue.
Emgwaqweni bengithola abantu bengigqolozele, ngathi ngingena eDundee ngabona abanye bephenduka nayo kungakhethi bulili.
Njengezimoto zakwaBMW zakamuva indlela ebukeka ngayo iyakhulumisa kodwa mina anginankinga nayo.
Iqoqekile bese ithanda ukuqumba emakhwapheni ibe ikhasa phansi injalo.
Ngokwezinombolo imfishane ngo-214mm kuneBMW M4 kuthi i-wheelbase ibe mfishane ngo-110mm.
Inama-criss ayenza ibukeke kahle emzimbeni kanjalo namarimu amakhulu (19” ngaphambili no-20” ngemuva) anamathayi angama-low profile. Izinqawe ezine ngemuva aziwona umhlobiso ngoba ziduma kucace.
Ngaphakathi uma ungumuntu ofuna imoto evulekile ungazixaki ngayo ngoba akuhlaleki kahle ngemuva. Ungafaka izingane okanye uthathe ingemuva njengendawo yokuzibekela impahla.
Izihlalo zayo zesikhumba ezingama-sports seats ngaphambili zikugonotha kahle unganyakazi uma ususejubaneni usushaya amakhona.
Nendawo yokuhlala ngikhululeke njengomshayeli ngiyithole kalula ngoba bekungekho muntu ngemuva kwami ozokhala ngokumpintsheka amadolo.
Izinga lokusetshenzisiwe yakhiwa liphezulu akubuzwa ukuthi yiBMW. Ngaphambili i-touchscreen infotainment system inkulu kahle futhi yilapho osetha khona yonke into ngisho ukuyisetha ukuthi ihambe kanjani emgwaqweni. Uma unqena ukulokhu uya kwi-touchscreen bakwenzele kwaba lula ngamabhathini abomvu asesiteringini. Lapha usetha injini, ushesi, isiteringi, amabhreki neM Traction Control bese kuthi uma ufuna indlela osethe ngayo uciphize iM button le.
Njengomshayeli ubhekana ne-digital instrument cluster egqame kahle.
Uma iBMW isithintwe yithimba lakwaM GmbH kusuke sekusho ukuthi nenjini inamandla athe xaxa kuneBMW ejwayelekile.
Lapha injini ingu-3.0 litre straight-six kaphethroli. Amandla bawenyuse ngo-66kW kunendala njengoba engu-338kW ne-torque engu-550Nm.
Angaphezulu kunawezimbangi ezifana ne-Audi RS3 yona enangu-294kW neMercedes-AMG A45S 4Matic+ efuqa 310kW.
Ukuba namandla kwayo bekungishayisa ngovalo ngoba ifuna umuntu ongeke ayizele ngobuso.
Iwafaka emasondweni angemuva ngo-gearbox oyi-eight-speed M Steptronic transmission kanti injalo nje, kuyithatha imizuzwana engu-4.1 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h nokuyinto engaphansi kuneRS3 abathi kuyithatha 3.8.
Bengiyizwa uma nginyathela mawala ngisuka ukuthi ifuna ukuqhasha nesinqa sithi ukutshikiza mbijana. Noma ngidlula ezinye izimoto kuba wukunyathela nje amafutha uyibone iyicela indlela.
Ngaleso sikhathi izinqawe beziduma kucace njengoba ireva ize iyovala ku-7 200 rpm. Engikuthanda kuyo wukuthi uyakwazi ukuzivala ikufihlele ukuthi yimoto enamandla.
Uma uhamba ngayo idinga inhlonipho yize kunjalo kodwa i-Active M Differential ikwenza ubambe ikhona ngokuzethemba ngoba isiza ukuthi ibambelele.
Emgwaqweni iyezwakala ukuthi iyimoto yejubane njengoba i-suspension yayo sporty ithanda ukuqina kodwa kuyaphileka nayo nsukuzonke.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-9.1 ngo-100km.
Engikuthandayo wukuthi ifika nezinsiza zomshayeli ezingadingi ukuthi wengeze imali njengokuthi isho uma izoshayisa, iyasho uma iphuma emzileni nePark Distance Control.
Sengiphetha, iM2 iyimoto ekahle yokungena ezimotweni ezingamaM zakwaBMW njengoba inamandla futhi ikukitaza uma uhamba ngayo. Nokho uma ufuna imoto enesikhala usunganyukela kwiM3.
Intengo:
BMW M2 Coupé - R1 485 000
Ifika neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km