Ukwehla kwentengo kawoyela emhlabeni jikelele emasontweni amabili adlule akwenzanga mehluko entengweni yamafutha eNingizimu Afrika kule nyanga.
Ngokwemininingwane engakaqinisekiswa, evela esikhwameni iCentral Energy Fund (CEF), kunezinkomba zokuthi intengo kaphethroli nekadizili izothi ukwehla kancane.
Uma kunjengoba kushiwo, maningi amathuba okuthi uphethroli wehle ngo-12 cent kuthi udizili wehle ngo-14 cent kwi-50ppm nango-26 cent kwi-500ppm.
Uma le ntengo iphumelela, u-95 Unleaded kaphethroli uzobiza uR22.35 bese eGauteng u93 Unleaded ubiza uR22.74.
Isitatimende sithi kufanele ukhumbule ukuthi le mininingwane ayiqinisekisi ukuthi ukwehla kwentengo yamafutha kuzokwenzeka kule nyanga.
Ukumenyezelwa kwentengo yamafutha kuzokwenziwa ngokusemthethweni wuMnyango wezaMandla kuleli ekuqaleni kwesonto elizayo bese kuqala kusebenza ngoLwesithathu, ngo-Agasti 7.
Intengo kaphethroli yehle ngo-99 cents nangoR1.05 ekuqaleni kukaJulayi. Bekulandela ukwehla ngoR1.24 ngoJuni.
Uma kuwukuthi ukusimama kwerandi kuyaqhubeka, kungenzeka iphinde yehle intengo yamafutha.