Yize befuna amakhasimende aneminyaka esuka ku-26 kuya phezulu abakwaKia ngePicanto, kodwa le moto bathi ilungele wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ungakanani.
Isikhulu esiphezulu sakwaKia eSouth Afrika, uGary Scott sithe ngokujwayelekile abantu abakule minyaka basuke besanda kuqala imisebenzi abayifundele, bengakabi nawo amandla okuthenga izimoto zamaphupho abo.
NgePicanto uthe kungaba yisiqalo sokuthenga imoto abazokwazi ukuyisebenzisa, besazilungiselela ukuthenga izimoto abazifisayo.
Njengoba le moto beyethulwa, kwenziwe kabusha ingaphandle layo njengoba beshintshe indlela ebukeka ngayo kodwa abayishintshanga injini.
Bathe bebefuna ukuthi ishintshe indlela ebukeka ngayo ukuze ihehe amakhasimende amasha.
Bashintshe indlela ebukeka ngayo ngaphambili nangemuva.
Lokhu kuyenza ihehe kakhulu kanti sebefake ithoshi elide, eligcwala ingemuva nokwenza ibukeke kahle uma isikhanya ebusuku.
Emgwaqweni iyabambelela futhi iyashesha. Uma ukuyona ayizwakali njengemoto encane kakhulu futhi inesikhala esanele sokuhlala ngaphakathi.
Iphume iyizinhlobo ezintathu okuyiPicanto LX 1.0 litre, eno-gearbox oshintshwayo nezishintshayo.
Kuphinde kube ethe ukuthuthukiswa okuyiPicanto EX 1.2 litre eshintshwayo nengashintshwa bese kuba esezingeni eliphezulu iPicanto EX Plus 1.2 litre eshintshwayo ngengashintshwa.
Enenjini engu-1.0 inama-cylinder amathathu ibe namagiya amahlanu ashintshwayo namane kwezishintshayo.
Amandla enjini angu-49kW ne-torque engu-95Nm kanti ijubane layo eliphezulu ligcina ku-155km/h.
Enenjini engu-1.2 inama-cylinder amane bese iba namagiya amahlanu eshintshwayo namane kwezishintshayo.
Inamandla angu-62kW ne-torque engu-122Nm kanti ijubane layo eliphezulu ligcina ku-170km/h.
I-EX ne-EX Plus entsha isifaka namasondo angu-14 inch, ine-Electronic Stability Control (ESC), Hill-start Assist Control (HAC), inezipikha ezine ezinamathwitha, Automatic Headlight Control, Electronic Folding Mirrors nendawo yokufaka izinto phakathi kwezihlalo zangaphambili.
Intengo:
Picanto 1.0 LX Manual - R260, 995
Picanto 1.0 LX Auto - R78, 995
Picanto 1.2 EX Manual - R284, 995
Picanto 1.2 EX Auto - R302, 995
Picanto 1.2 EX Plus Manual - R307, 995
Picanto 1.2 EX Plus Auto - R325,995
Egaraji iphuma ne-warranty neRoadside Assist yeminyaka emihlanu.Ayikalelwe amakhilomitha neService Plan yeminyaka emibili noma amakhilomitha angu-30 000.